.
BANINGI abayibhekile iChevrolet Trailblazer osekumenyezelwe ukuthi nakanjani izotheleka kuleli emuva kokukhonjiswa embukisweni wezimoto eDubai
SEBEKUQINISEKISILE kwaGeneral Motors ukuthi ivulandlela labo iChevrolet Trailblazer iyeza kuleli ngaphambi kokuba kusongwe u-2012.
Lena kuzoba yimoto entsha sha yakwaGeneral Motors South Africa emkhakheni wamaSports Utility Vehicle (SUV) amakhulu.
Ngokusho kwesikhulu sakwaGeneral Motors kuleli uMalcolm Gauld, ngeTrailblazer bazoshayelela isipikili ngezinhlobo zezimoto zakwaChevrolet abanazo ezilokhu ziya ngokukhula njalo kule minyaka emibili edlule.
Uthi bathole ukwesekwa okukhulu ngamakhasimende abo njengoba nokuthengwa kwezimoto zabo kunyuke ngo-50% onyakeni ka-2011 uma kuqhathaniswa no-2010 oyongena emlandweni wakuleli ngokusingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
Ngonyaka odlule kwaChevrolet bake bawaveza amanoni eTrailblazer embukisweni wezimoto iDubai International Motor Show eMiddle East.
Bazishaya isifuba ngale moto ngokuthi inamandla futhi iyinguganaboya. Izikhulu zale nkampani eNingizimu Afrika zithi zibala izinyanga ukuba itheleke kuleli izokwengeza esibalweni sezimoto zakwa Chevrolet ezikhona.
ITrailblazer ikwazi ukulayisha abantu abayisikhombisa, kanti kunezinye izihlalo ezingemuva ezikwazi ukufaka abantu ababili okwenza ilayishe abayisikhombisa.
Akugcini nje ngokuba kube yimoto yokulayisha abantu kodwa yakhelwe nokuthi ikwazi ukuzabalaza idonse nomthwalo osindayo.
Okwamanje eminye imininingwane ngale moto njengenani layo iseyimfihlo kuze kufike isikhathi sokwethulwa kwayo eNingizimu Afrika.
Izofikela kwezinye izimoto zakwa Chev esezikhona emakethe njenge Chevrolet Utility, the Sonic Hatchback (okukhona kuzo neka dizili), Sonic Sedan neCaptiva esebenzisa udizili kanye neChevrolet Orlando eyethulwa ngoJulayi ngonyaka odlule.
|
|
Services
Comment Guidelines