INL SA
UMNUZ Ben Martins onguNgqongqoshe wezokuThutha kuleli uxwayisa ngobungozi benkohlakalo yezincwadi zomgunyathi. Uthi elakuleli kumele liqinise isandla ekulweni nalokhu futhi kuphuculwe ezokuthutha zomphakathi zibe sezingeni elamukelekile. Isithombe: OUPA MOKOENA
SIMPHIWE NGUBANE
IYAQONGA ingcindezi ebhekiswe kuhulumeni yokuba aqhamuke nohlelo lokwenza ezokuthutha zomphakathi libe sezingeni eliphucuzekile, lungabizi futhi lukwazi ukusetshenziswa uwonkewonke.
Lokhu kushiwo ngumfelandawonye wezinyunyana kuleli i-Cosatu othe uhulumeni uzoqhubeka nokukhipha itshe lemali uma kwenzeka izingozi zomgwaqo engabe uqhamuka nohlelo oluzosiza wonke umuntu ukuba afinyelele ngokushesha lapho eyakhona ngezokuthutha zomphakathi.
UNobhala-jikelele weCosatu uMnuz Zwelinzima Vavi a uthe babethumela umyalezo oshubile ngokhukhulelangoqo wemashi owawungoMashi walo nyaka lapho abantu abangaphezulu kuka-400 000 bangena emigwaqeni bebhikishela ukuba kuqedwe imigwaqo ekhokhelwayo kuphuculwe ezokuthutha.
“Sikwazile ukuvumelaneni nohulumeni ukuba ashintshe ukwenza ngezokuthutha zomphakathi futhi azame ezinye izindlela ezizosetshenziswa kukhokhelwa imigwaqo ama-E Tolls. Abasebenzi bangafika emsebenzini ngesikhathi kodwa lokhu akuzofezekiswa uma isimo siqhubeka nokuba nje,” kusho uVavi.
Ngakolunye uhlangothi uhulumeni uyakuqinisekisa ukuthi uzotshala izimali ekwakhiweni kwengqalasizinda ezitimeleni ukuze ikwazi ukumumatha umthamo omkhulu wabantu ukuze kugwenywe isiphithiphithi emigwaqeni.
Ekhuluma emhlanganweni weSouthern African Transport obusePitoli, uNgqongqoshe wezokuThutha kuleli uMnuz Ben Martin uvumile ukuthi kumele kube khona okwenziwayo ngokushesha ekuphuculweni ezokuthutha zomphakathi eNingizimu Afrika.
Inkampani yezitimela iPrasa Metrorail ne-Sanral bavele sebekuqinisekisile ukuthi bazotshala izimali ekuphuculweni ezokuthutha kuleli.
UMartins ube esexwayisa ngobungozi bokukhishwa kwezincwadi eziwumgunyathi ethi lokhu kunesandla ekubhebhekiseni izingozi zomgwaqo kuleli. Uthe akuqinisekiswe ukuthi ayenziwa inkohlakalo uma kukhishwa izincwadi zokushayela ethi ngebhadi umphumela wezincwadi eziwumgunyathi ubonakala emigwaqeni yakuleli ngezingozi ezisuke zinyantisa.
“Sizoqinisa amabhawodi sibhekane nale nkinga kusukela ezifundazweni. Yize le nkinga ingeke iqedwe ngosuku olulodwa kodwa sizolwa nayo ngqo,” kusho uMartins.
Minyaka yonke iNingizimu Afrika ilahlekelwa ngabantu abangu-14 000 ababhubha ezingozini zomgwaqo.
Uhulumeni ukhipha izizumbulu elungisa imigwaqo esuke icekeleke phansi.
Abantu okukhona kubo nezinhlangano ezingenzi nzuzo bathi uhlelo lwezokuthuthwa komphakathi olusetshenziswayo njengamanje lunomthelela ekwandeni kwezingozi zomgwaqo kuleli.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services