ABENEME abanye abaculi okufakwe izingoma zabo ohlwini lwengoma ezohlukanisa unyaka kuKhozi FM ngesenzo sabasakazi balo msakazo uNgizwe Mchunu noKhathide Ngobe, abahehe abantu ukuthi bakhethe ingoma ezohlukanisa unyaka.
Izolo ekuseni ohlelweni abanikwe lona laba basakazi njengoba kungamaholidi bathe kungakuhle ingoma kaMroza Fakude ethi Van Damme ibeke abantu ku-2017.
Abachithanga sikhathi babe sebeyidlala emoyeni. .
Lokhu akwehlanga kahle kwabaningi nakwabanye abaculi okukhethwe izingoma zabo ohlwini.
UDJ Tira uthe akazi ukuthi yenzeke kanjani le nto kulesi siteshi ngoba yena ubona kunokwenzelela.
“Abasakazi kumele bazame ukungathathi hlangothi. Siyakhala kakhulu ngokwenzekile, kubuhlungu. Ngabantu okumele bazikhethele ukuthi iyiphi ingoma abafuna iphume phambili,” kusho uTira.
UMusa Sukwene wengoma ethi Mthand e nayo ekulolu luhlu, uthe abasakazi bakwenze lokhu ngoba kungenzeka ukuthi bayamathanda uMroza.
“Ngabantu abazokhetha umculi neculo abalithandayo elizohlukanisa unyaka. Uma bekwenzile bangakwenza kodwa kungaphumeleli,” kusho uMusa.
UBabes Wodumo uthe uyabathethelela laba baculi njengoba naye ingoma yakhe sebake bayincoma kakhulu emsakazweni.
“Into ebalulekile ngamavoti kungenzeka bayamthanda lo mculi kodwa sikhethwe kulo mkhakha siwumndeni,” kusho uBabes Wodumo.
UMpumi wengoma ethi Somandla naye uthe kuyacaca bayamthanda uMroza kodwa konke kulele kubantu.
UMroza ethintwa ileli phephandaba uthe akazi ukuthi uzophawula athini ngokwenzekile kodwa bonke abaculi uyabahlonipha.
Isolezwe libe selihabula ngemithombo yalo engaphakathi oKhozini ukuthi uTira uke wathinta abaphathi ekhala ngabasakazi.
Kuthiwa uNgizwe noTshatha babiziwe batshelwa ukuthi mabaxolise ngabakwenzile.
Imizamo yokuthola aboKhozi ayiphumelelanga njengoba ucingo lomphathi woKhozi FM, uMnuz Bonga Mpanza nolokhulumela i-SABC uMnuz Kaizer Kganyago belukhala lungabanjwa.