Isexwayiso ngomhlaba ‘odayiswayo’

Comment on this story
no Cato2 NONHLANHLA MKHABELA Abantu besebeqoqa lokho okuqoqekayo emijondolo yase-Cato Crest emuva kokudilizelwa izindlu ngoba bakhe endaweni engekho emthethweni. Isithombe : NONHLANHLA MKHABELA

BONISWA MOHALE

noNONHLANHLA MKHABELA

IKHANSELA laseCato Crest selidonse ngendlebe abahlali bakuleya ngokuthi awukho umhlaba odayisayo njengoba sekukhona okuthiwa bathenge indawo edayisayo.

Lesi sixwayiso silandela ukuthi abantu abayisithupha bedilizelwe izindlu zabo abazakhe endaweni abathi bayithenge ngo-R1 000 kowesifazane ozibiza ngomholi we-DA.

Laba abathenge lo mhlaba abacele ukuthi bangadalulwa ngoba besabela ukuthi kuzothiwa le ndaba iphume ngegama labo, basale dengwane izolo ngesikhathi abasebenzi bakaMasipala weTheku bebadilizela imijondolo.

Omunye wabo uthe yena ubekade eqashile njengoba esehlala kule mijondolo ediliziwe.

no Cato UMnuz Thembinkosi Qumbela we-Cato Crest Residents Association uthi bakhathazekile ngabantu abazakhela imijondolo ngokungemthetho. Isithombe : Boniswa Mohale Boniswa Mohale

“Ngathenga indawo komunye usisi emuva kokuthi umasitende wami engixoshile. Angazi ukuthi ngizoshonaphi ngoba bengiqube komakhelwane ngaphambi kokuthenga le ndawo,” kusho lo muntu.

UMnuz Thembinkosi Qumbelo wenhlangano ebizwa ngeCato Crest Residents Association uthe balusukumele phezulu lolu daba lwabantu abakhe endaweni engekho emthethweni ngoba kabasafuni kwande imijondolo kuleya ndawo.

“Luyasikhathaza udaba lwabantu abakhe ngokungemthetho ngoba kuphazamisa intuthuko ohlelelwe lendawo yethu. Asisafuni ukuthi abantu bashiswe wumlilo nogesi wezinyokanyoka emjondolo. Umuntu odayisa indawo uzibiza ngomholi we-DA kule ndawo,” kusho uQumbelo.

Ikhansela le ndawo uMnuz Mzi Ngiba uthe akazi ukuthi uzobenzenjani laba bantu abadilizelwe imijondolo ngoba akaze ezwe kuthiwa uMasipala weTheku udayisa umhlaba.

Ube esebanxusa ukuba babuyele lapho besuka khona ngoba akukho semthethweni ukuthenga umhlaba kuleya ndawo.

UNksz Zinhle Dlamini onguSihlalo wekomiti le-DA eCato Crest uthe akekho umuntu okhokhisiwe ukwakha kuleya ndawo.

no Cato1 Kudilizwe izindlu zabantu abakeh ngokungemthetho, esithombeni nguMnuz Thembinkosi Qumbelo we-Cato Crest Residents Association obekhomba ezinye izindlu ezisazodilizwa Isithombe : BONISWA MOHALE BONISWA MOHALE

Uthe kwavumelana ikhansela nekomiti lakuleya ndawo ukuthi abantu abasuswa endaweni okwakhiwa kuyona izindlu zomxhaso mabayiswe kule ndawo esekuthiwa bayithengile.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.