Advertisement

Isexwayiso ngomhlaba ‘odayiswayo’

BONISWA MOHALE

noNONHLANHLA MKHABELA

Abantu besebeqoqa lokho okuqoqekayo emijondolo yase-Cato Crest emuva kokudilizelwa izindlu ngoba bakhe endaweni engekho emthethweni. Isithombe : NONHLANHLA MKHABELA. Credit: NONHLANHLA MKHABELA

IKHANSELA laseCato Crest selidonse ngendlebe abahlali bakuleya ngokuthi awukho umhlaba odayisayo njengoba sekukhona okuthiwa bathenge indawo edayisayo.

Lesi sixwayiso silandela ukuthi abantu abayisithupha bedilizelwe izindlu zabo abazakhe endaweni abathi bayithenge ngo-R1 000 kowesifazane ozibiza ngomholi we-DA.

Laba abathenge lo mhlaba abacele ukuthi bangadalulwa ngoba besabela ukuthi kuzothiwa le ndaba iphume ngegama labo, basale dengwane izolo ngesikhathi abasebenzi bakaMasipala weTheku bebadilizela imijondolo.

Omunye wabo uthe yena ubekade eqashile njengoba esehlala kule mijondolo ediliziwe.

“Ngathenga indawo komunye usisi emuva kokuthi umasitende wami engixoshile. Angazi ukuthi ngizoshonaphi ngoba bengiqube komakhelwane ngaphambi kokuthenga le ndawo,” kusho lo muntu.

UMnuz Thembinkosi Qumbelo wenhlangano ebizwa ngeCato Crest Residents Association uthe balusukumele phezulu lolu daba lwabantu abakhe endaweni engekho emthethweni ngoba kabasafuni kwande imijondolo kuleya ndawo.

“Luyasikhathaza udaba lwabantu abakhe ngokungemthetho ngoba kuphazamisa intuthuko ohlelelwe lendawo yethu. Asisafuni ukuthi abantu bashiswe wumlilo nogesi wezinyokanyoka emjondolo. Umuntu odayisa indawo uzibiza ngomholi we-DA kule ndawo,” kusho uQumbelo.

Ikhansela le ndawo uMnuz Mzi Ngiba uthe akazi ukuthi uzobenzenjani laba bantu abadilizelwe imijondolo ngoba akaze ezwe kuthiwa uMasipala weTheku udayisa umhlaba.

Ube esebanxusa ukuba babuyele lapho besuka khona ngoba akukho semthethweni ukuthenga umhlaba kuleya ndawo.

UNksz Zinhle Dlamini onguSihlalo wekomiti le-DA eCato Crest uthe akekho umuntu okhokhisiwe ukwakha kuleya ndawo.

Uthe kwavumelana ikhansela nekomiti lakuleya ndawo ukuthi abantu abasuswa endaweni okwakhiwa kuyona izindlu zomxhaso mabayiswe kule ndawo esekuthiwa bayithengile.

SHOW ALL
Advertisement