Ishaqisile eyoshiswe nabazukulu

Comment on this story

BAWINILE NGCOBO

USASHAQEKILE umphakathi waseThobothini, eNgwavuma emuva kwesehlakalo sokushiswa kwesalukazi nabazukulu baso ngempelasonto okunezinsolo zokuthi bashiswe belele ngoba ugogo enukwa ngokuthakatha.

Kulesi sigameko kushone uNkk Thokozile Tembe (72) nabazukulu bakhe uSlindile Mnguni (11) obefunda eThobothini Primary noSphesihle Nyawo (3) abebelele endlini engamakamelo amathathu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe abafi babesendlini ngoMgqibelo ngezithuba zokugamanxa kwehora lesithupha ntambama ngesikhathi kuba khona owokhela umlilo bengaphakathi.

Uthe bashe bangqongqa bashonela endlini ababelele kuyona.

“Okwamanje akukacaci ukuthi lo mlilo uqale kanjani, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti akukaboshwa muntu,” kuchaza uZwane.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokushisa ngomlilo.

Indodakazi kaNkk Tembe, UNksz Fikile Mnguni ongunina kaSphesihle uthe unina ushiswe ngabantu abebemsola ukuthi uyathakatha.

“Bebengakaze bafike ekhaya noma baye enduneni bayobika ngalezi zinsolo zabo kodwa yinto ebikhulunywa ukuthi uyathakatha,” usho kanje.

Uthe abakazi nokuthi bazoqala kanjani ngamalungiselelo omngcwabo ngoba kushe yonke into, okubalwa amapasi ngisho nezimpahla zabo. Uthe lesi sigameko senzeka bona bengekho besemsebenzini.

Ikhansela lendawo uMnuz Thomas Ndlanzi uthe basashaqekile namanje ngento abayibona emuva kokuthi ethole isigijimi sibika ngalo monakalo.

“Ngathi uma ngifika endaweni yesigameko ngathola ukushaqeka okukhulu ngoba ugogo nezingane bebeshe ngale ndlela yokuthi bekunga-bonakali ukuthi bangobani, sekusele amathambo nje. Kubonakala ngawo ukuthi bekukhona abantu endlini,” kuchaza uNdlanzi.

Uthe ibe buhlungu into eyenzeke kulo mndeni ngoba akukho okukhombisa ukuthi umlilo uqale ngakuphi nokuthi bekwenzenjani.

“Amawindi kwakubonakala ukuthi ayevaliwe, bona belele kwelinye ikamelo kodwa akekho ongachaza ukuthi kwenzekani ngoba kwabona omakhelwane ngesikhathi kusha base behlaba umkhosi,” kusho uNdlanzi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.