Advertisement

Isidumo kubulawa izelamani ethaveni

LUNGI LANGA

KUSHONE izelamani ngesikhathi amadoda angaziwa egasela endaweni yokucima ukoma abantu bezijabulisa eShongweni Dam ngaphandle kwaseMariannhill bavulela ngenhlamvu ngoMgqibelo entathakusa.

Mbhekiseni Zungu. Credit: INLSA

Umndeni wakwaZungu nomphakathi walapha basakhungathekile ngokubu-lawa kukaMnuz Mbhekiseni Zungu nomfowabo uMlungisi Zungu (30) kule thaveni eyaziwa ngokuthi kuseMgodini. Izidumbu zabo zitholwe zimanxebanxeba umzimba wonke uMlungisi enamanxeba amane, uMbhekiseni enayisithupha. Abanye abantu abebephuza kule ndawo badubulekile kodwa basinda baphuthunyiswa esibhedlela lapho belashelwa khona.

Unina walezi zinsizwa uNkk Qondeni Zungu (57) uthe namanje abakaqondi ukuthi yini eholele ekubula-weni kwamadodana akhe.

UNkk Zungu uthe uvuswe ukushaywa uvalo ekuseni ngehora lesine emuva kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu izikhawu eziningi.

“Ngezwa kuqhuma isibhamu ngavuka ngaya khona ngoba akukude nami ngangazi ukuthi abafana bami bahleli khona ngoba yindawo abajwayele ukuhlala kuyona,” kusho uNkk Zungu obebukeka esadidekile.

Uthe kuze kube manje bonke abantu ababuzayo ngokwenzeka abaqhamuki nendaba ecacile wonke umuntu uvele athi akazi.

UNkk Zungu obekakwe amalungu omndeni uthi kusolakala ukuthi abantu ababulale izingane zakhe ngabasendaweni ngoba namaphoyisa afunela eduze.

Lesi sigameko sivule amanxeba kulo mndeni njengoba ngo-Ephreli kugwazwe kwabulawa elinye ilungu lawo uMnuz Mondli Zungu kuyona le ndawo yokucima ukoma.

Amalungu omndeni athe inkinga kungaba yile ndawo yokucima ukoma ngoba selokhu yavulwa ngo 2010 sekulimale abantu abaningi kuyona kwaphuma nezidumbu.

Elinye ilungu lomphakathi ebelizokhalisa umndeni wakwaZungu lithi le thaveni iyinkinga ngoba ivula ubusuku bonke kuze kuse kuphuzwa bese kuzwakala sekuthiwa kukhona abalimele.

Basole nokusetshenziswa kwezinye izidakamizwa ezifana newunga njengoba kukhona abantu abaningi abatholakala befile. Kulinde-leke ukuthi lezi zelamani zifihlwe ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala nokuzama ukubulala kodwa akekho osaboshiwe.

SHOW ALL
Advertisement