Isihlabani sakuleli ecaleni lokubulala

Comment on this story
no oscar INLSA UMGIJIMI u-Oscar Pistorius uqhamuke ezifihle kanje izolo esiteshini samaphoyisa iBoschkop ngemuva kwesigameko esishaqise izwe sokudubula intombi yakhe uReeva Steenkamp. Isithombe: Chris Collingridge

KUSHAQEKE izwe izolo ngesikhathi umgijimi odume umhlaba wonke wakuleli, u-Oscar Pistorius, eboshelwa icala lokubulala intombi yakhe engumkhangisi emzini wakhe osendaweni yomntakabani ePitoli entathakusa yayizolo.

Ukufa komkhangisi wengqephu ephephabhukwini labesilisa i-FHM, uReeva Steenkamp (30), kuqale kwezwakala engathi bekuyingozi njengoba kubikwe ukuthi uPistorius ubecabanga ukuthi udubula isigebengu ebesizogqekeza emzini wakhe osendaweni yabadla izambane likapondo iSilver Woods Country Estate.

Amaphoyisa abengakaqinisekisi ukuthi ngubani owesifazane obulewe kwazise izihlobo zakhe bezingakaziswa.

Phambilini imibiko ithe umufi udubuleke ekhanda nasengalweni kodwa ngokuhamba kwesikhathi izolo kubuye kwavela ukuthi udutshulwe amahlandla amane.

Okhulumela uphiko lwezokuShushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA), uMnuz Medupe Simasiku, uthe uPistorius uzolala ezitokisini aze avele namuhla eNkantolo yeMantshi yasePitoli.

UBrigadier Denise Beukes, wamaphoyisa aseGoli, uthe isicelo sebheyili kulindeleke ukuthi silalelwe namuhla enkantolo.

Amaphoyisa azosiphikisa isicelo sebheyili. Akuchithile izolo ukuthi yiwona athe uPistorius ubecabanga ukuthi udubula isigebengu. UBrigadier Beukes uthe kunobufakazi bokuthi bebehlale ngokuxabana emzini kaPistorius nokuzoba yingxenye yophenyo lwamaphoyisa.

Abamaziko ezindaba ehlukene avinjelwe ukuthi angene emzini kaPistorius obesaphenywa ngemibuzo ngamaphoyisa ngaphambi kokuba athathwe ayiswe esiteshini samaphoyisa eBoschkop.

Owesilisa othile okukholakala ukuthi ungummeli kaPistorius utshele abezindaba ukuthi lo mgijimi uphatheke kabi kodwa waqinisekisa ukuthi uzovela izolo enkantolo.

Nakuba amaphoyisa abecophelela ukuthi angasho ukuthi umbulali nguPistorius kodwa okhulumela amaphoyisa aseGoli, uLt Col Katlego Mogale, ukuqinisekisile ukuthi babizwe ukuba bazosiza esigamekweni sokudubula eSilver Woods.

Uthe abezimo eziphuthumayo bathole ukuthi useshonile umufi ngesikhathi bezama ukumxilonga bese bemphuthumisa esibhedlela. Uthe owesifazane udubuleke ekhanda nasesifubeni.

“Kutholakale isibhamu esiyi-9mm endaweni yesigameko kanti umsolwa oneminyaka engu-26 uboshiwe kwase kuvulwa icala lokubulala,” kusho uLt Col Mogale.

Izindaba zokuthinteka kwegama likaPistorius ecaleni lokubulala zisabalale umhlaba wonke izolo.

Ngemuva nje kokuzwakala kokuthi uPistorius uboshelwe icala lokubulala isiteshi sethelevishini i-M-Net imhoxisile emkhankasweni wawo wokukhangisa.

Okhulumela lesi siteshi, uNkk Lani Lombard, uthe isivumelwano sokukhangisa ngama-Academy Awards (Oscar) siphelile. Abenkampani yezimpahla zemidlalo i-Nike bathe bazolinda isinqumo senkantolo bese kuyima bethatha esabo isinqumo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.