Advertisement
X

Isihluku amaphoyisa ebulala umsolwa

UMPHAKATHI waseParkgate, eVerulam ubabaza isihluku samaphoyisa ngemuva kwesehlakalo sokudutshulwa kowesilisa wakule ndawo phambi komndeni wakhe ngoba esolwa ngokuthi udayisa izidakamizwa.

Kuthiwa uMnuz Vusikhaya Sandawana (27) uqale washaywa kanzima ngamaphoyisa, aze amfutha ngesisi esikhalisa unyembezi ngaphambi kokuthi adutshulwe kubuka umphakathi, izingane ezincane nomndeni wakhe. Lesi sigameko esishiye amalungu omphakathi ebambe ongezansi senzeke ngoLwesithathu ngabo-8 ebusuku.

UMNUZ Vusikhaya Sandawana waseParkgate, eVerulam odutshulwe amaphoyisa phambi kwamalungu omphakathi ngoba emsola ngokuthi udayisa izidakamizwa. Credit: ISOLEZWE

Udadewabo kaSandawana, uNksz Thembisa Sandawana kubikwa ukuthi usesimeni esibucayi esibhedlela ngemuva kokudubuleka kathathu ngesikhathi ethi uzama ukusiza umfowabo obeshaywa amaphoyisa.

USandawana ubesesitolo sakhe ngesikhathi kugasela amaphoyisa afike akhahlela isicabha, angena ngaphakathi ambuza ukuthi ziphi izidakamizwa azidayisayo, aqala amthela induku. Kuthiwa uzamile ukubaleka kodwa amaphoyisa amjaha, ambamba emzini oseduze nesitolo sakhe lapho afike azenzela khona umathanda kuye ngaphambi kokuthi amdubule.

Oyilungu lomphakathi aphinde abe nguSihlalo wekomiti elibhekelele ukulethwa kwentuthuko uMnuz Lizo Mpongo uthe akasoze ayikhohlwa into ayibonile amaphoyisa ehlukumeza uSandawana kubuka ngisho izingane ezincane.

UMpongo uthe yena ungumakhelwane kaSandawana kodwa akakaze awuhoshe umoya wokuthi udayisa izidakamizwa.

“Thina sazi ukuthi umufi ubezidayisela izinkwa nokunye esitolo sakhe nokuthi ungumculi osafufusa we-Hip Hop okhonze ukuzidwebela hhayi indaba yokudayisa izidakamizwa,” usho kanje.

UMpongo uthe lolu daba balubikile kuhlaka oluphenya amacala enziwe amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID).

“Okusijabulisayo ukuthi siwumphakathi siwabonile amaphoyisa amabili adubulile kulesi sehlakalo,” usho kanje.

Okhulumela i-IPID kuzwelonke uMnuz Moses Dlamini izolo ukuqinisekisile ukuthi lolu daba lubikiwe kubona nokuthi bayaluphenya.

UCaptain Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa esifundazweni uthe amaphoyisa avule idokodo lo phenyo kodwa imininingwane eminingi ngalolu daba ayikho.

SHOW ALL
Advertisement