Isihluku umzukulu ‘ebulala’ umkhulu

Comment on this story
SLAIN MKHULU SITHUNYELIWE UTHOLWE eseshonile emzini wakhe uMnuz Gideon Ngcobo ogencwe ngumzukulu wakhe ogula ngengqondo ngempelasonto eGrange ngaphandle kwaseMgungundlovu. Isithombe: SITHUNYELIWE

PHUMLILE NTSELE

UTHOLWE eseshonile emzini wakhe egunjini lokuphumula owesilisa osemdala okuvele ukuthi ujuqwe ngocelemba ngumzukulu wakhe ogula ngengqondo obehlala naye ekhaya eGrange, ngaphandle kwaseMgungundlovu, ngempelasonto.

Ngokusho kwelungu lomndeni uMnuz Gideon Ngcobo (73) ufele endaweni yesigameko kwazise ukuthi umzukulu ubemgenca ephindelela evale iminyango yonke futhi kunguye nomkhulu esitikini.

“Thina sifonelwe ngunina omkhulu esibikela ngalezi zindaba kwazise besingekho kwagogo sisekhaya eMaqongqo lapho besinenkonzo yokukhumbula oNdlunkulu asebashona,” kusho uNdlunkulu Phumelele Maphumulo ongunkosikazi wenkosi yaseMaqongqo inkosi Nhlakanipho Maphumulo abuye abe ngumfowabo womsolwa.

Lesi sehlakalo kuthiwa senzeke ngoMgqibelo ngezithuba zantambama umkhulu ehlezi nomzukulu wakhe njengokujwayelekile.

Umzukulu uboshwe ngawo uMgqibelo, wavela enkantolo izolo.

Umndeni awuqondi ukuthi ngabe yini eholele kulesi sigameko.

Uveza ukuthi ngabe kukhulunywa okunye ukuba ubekhona nomunye umzukulu wentombazane omncane ngokweminyaka naye ohlala nomkhulu ngoba ngabe mhlawumbe naye ugilwe esifanayo.

Uthe namanje bewumndeni kusenzima ukukholwa wukuthi umkhulu wabo uhambe ngesandla somzukulu wakhe njengoba bebesondelene umufi nomzukulu yize bebebuye baxabane ngenxa yesimo sabo sokuthi omunye usemdala, omunye egula kodwa bebengakaze bacabange ukuthi kungamuncu ngale ndlela.

Abomndeni bathe bafike ekhaya kuphithizela amaphoyisa nemoto yasemakhazeni ebizolanda isidumbu nomakhelwane abebelokhu bebabaze isihluku esenzekile futhi befunga begomela ukuthi bazomjezisa ngokwabo uma amaphoyisa ehluleka ngoba uNgcobo ubeyisilomo endaweni.

Kuthiwa umfana ubengasawaphuzi amaphilisi okugula kwakhe ngenxa yokuthi ubengumuntu obuye anyamalale ekhaya ahlale komakhelwane abelusele imfuyo.

Kuthiwa lo mzukulu ubanjwe ngamaphoyisa ngoMgqibelo esebalekile lapho bekuhlala khona umkhulu watholwa emanaphanapha yigazi walivuma icala alenzile.

UNdlunkulu Maphumulo uthe kuyabonakala ukuthi bese kuvuke kwama ngezinyawo ukugula kumfowabo ngenxa “yesibindi” sokuqhubeka abhale ngegazi ezindongeni amagama abefundeka ngokuthi “lala ngoxolo.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazwen uColonel Jay Naicker uthe: “Amaphoyisa aphenya icala lokubulala elibekwe umsolwa ovele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngecala lokubulala.”


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.