Advertisement
X

Isikhalo ngezindlu zekaMpisane

KUNGAKAPHELI ngisho isonto umndeni waKwaMpisane eThekwini udlelwe izimpahla zawo okubalwa nezimoto zikanokusho, usuphinde wangena kolunye ubishi ngoba umphakathi wakwa-B KwaMashu ukhala ngokuthi izindlu zomxhaso owazakhelwa yinkampani yalo mndeni ziyavuza, ezinye ziyawa.

Iningi labantu bakulendawo lithi uma lina izulu lima ngezinyawo kuze kuse ngenxa yokuthi izindlu ziyavuza. Ezinye izindlu zineminkenke ezindongeni zisengcupheni yokuthi ziwe. Akuqali ngalaba bantu ukuthi kuzwakale isikhalo ngesimo sezindlu ezakhiwe yiZikhulise okuyinkampani kaNkk Shauwn Mpisane njengoba eMlazi naseCato Crest bekunesililo esifanayo.Kuyimanje uNkk Mpisane uhamba inkantolo mayelana necala lenkohlakalo elithinta ukubalekela ukukhokha intela. Lo mndeni ngeledlule wendlulwe wuphiko oludla izimpahla i-Asset Forfeiture Unit izimpahla ezinzima okubalwa kuzona nezimoto ezibiza izigidi.

UNksz Lindiwe Buthelezi wakwa-B KwaMashu okhala ngokuthi uma ngezinyawo ize iphela imvula uma linetha ngenxa yokuthi indlu yakhe iyavuza. ISITHOMBE PATRICK MTOLO. Credit: INLSA

Ithimba leSolezwe lihambele KwaMashu ngemuva kokuzwa izikhalo zomphakathi liyohlola isimo lafika lazibonela lokho okukhalwa ngakho. Okugqamile wukuthi izindlu eziningi ziyavuza ngenxa yokuthi azizange zishayelelwe kahle phezulu. Indlela okushayelelwe ngayo uphahla ingenisa amanzi. Omunye walezi zakhamizi uNksz Lindiwe Buthelezi uthe akalali ebusuku uma lina ngoba indlu ivele igcwale amanzi.

“Amanzi ngiwakhongozela ngamabhakede agcwale bese ngiyowachitha emnyango, ngiwachitha kuze kuse uma imvula inganqamuki,” usho kanje. Okunye lezi zakhamizi ezikhala ngakho wukuthi izindlu zazikhokhela kuMasipala waseThekwini kodwa azinikwanga amatayitela. Uma zifuna usizo ziyachithwa kuthiwe indawo yazo ayiveli kuma-computer.

“Okusixakayo wukuthi izincwadi zokukhokhela amanzi siyazithola nogesi sinawo siyawukhokhela kodwa uma sifuna izidingo kuthiwa asaziwa,” kusho luNkk Hlengiwe Ntusi. Lezi zindlu ezakhiwa ngo-2002 bezikhokhelwa imali engafani abanye bekhokha u-R3 100, abanye u-R6 500 kuya ngokuthi indlu ingakanani. “Kwathiwa asikhiphe imali ukuze sihlangabeze imixhaso, ngoba ayikho into yamahhala,” kusho umholi walezi zakhamizi uMnuz Phumokwakhe Mngoma. Ngo-Agasti 30 ngonyaka odlule uMngoma wanika iMeya yaseThekwini uMnuz James Nxumalo incwadi equkethe uhlu lwezikhalo zabo kodwa kuze kube yimanje akakaphenduli.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Thabo Mofokeng, uthe ngokwazi kwakhe izindlu zomxhaso azikhokhelwa mali abantu bazithola mahhala.Unxuse umphakathi ukuthi awuze neziliphu ukuze kuphenywe kutholakale ababebakhokhisa.

SHOW ALL
Advertisement