Advertisement
X

Isikhalo ngezingane ezizala zisezincane

UKUZALWA kwezingane ngoKhisimusi sekugqamise ukwanda kwesibalo sezingane ezizala zisezincane njengoba kuvele ukuthi nakulo Khisimusi ziningi izingane ezizalwe ngabesifazane abasebancane.

UMnuz Sam Mkhwanazi woMnyango wezeMpilo KwaZulu- Natal, uthe ziyakhathaza izibalo zamantombazane asemancane athola izingane, kulandela ukuvela kwesibalo sezingane ezizalwe ngoKhisimusi.

UNKSZ Nokwazi Ngcunukana nengane yakhe uKamva Ngcunukana ongezinye zezingane ezingu-209 ezizalwe ngoKhisimusi KwaZulu-Natal. Bebevakashelwe nguNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo. Izithombe: THEMBA MNGOMEZULU. Credit: Group

Uthe uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, usezwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezingane ezikhulelwa zincane. Uthe ezinganeni ezingu-209 ezizalwe ngosuku lukaKhisimusi, zingu-42 ezizalwe ngomama abaphakathi kweminyaka engu-14 no-19.

UMkhwanazi uthe okubi kakhulu ukuthi izingane eziyisishiyagalolunye kulezi bekungezomama abaphakathi kweminyaka engu-14 no-16.

Ezingu-33 bekungezomama abaphakathi kweminyaka engu-17 no-19.

Uthe yize zingekho izibalo ezikhombisa ukwenyuka nokwehla kwesibalo sezingane ezizala zisencane, izibalo abanazo zalo nyaka ziveza ukuthi kuyinkinga ukukhulelwa kwamantombazane asemancane.

“Kuyakhathaza kakhulu lokhu ngoba lezi zingane zisezincane kakhulu ukuthi sezingaba ngabazali. UNgqongqoshe usaqhubeka nomkhankaso wokuqwashisa ngokwanda kwezigameko zokukhulelwa kwezingane ezincane. Okunye okuvelayo ukuthi zikhuleliswa ngabantu abadala abasuke beganga ngazo,” kusho uMkhwanazi.

Uthe yize lesi sifundazwe siphumelela ekwehliseni amazinga omama abashona bebeletha, sizoqhubeka sibe nenkinga uma kwanda izingane ezithola abantwana zisezincane ngoba iningi lazo aziyi emitholampilo futhi ziyakufihla ukukhulelwa kwazo.

Phezu kwalokhu iningi lazo lidinga ukuthi zithole nesibonelelo sikahulumeni ngoba obaba bezingane bagcina bezilahlile.

Uthe uDhlomo ufisa bonke abaholi bomphakathi basize ekulweni nokwanda kokukhulelwa kwezingane ezincane.

Ezinganeni ezizalwe e-KZN zingu-95 ezabafana kanti zingu-114 ezamantombazane.

NgoKhisimusi uDhlomo uvakashele esibhedlela iMahatma Gandhi Memorial lapho okuzalwe khona izingane ezinhlanu. EGauteng khona zingu-69 izingane ezizalelwe ezibhedlela eziyisikhombisa zesifundazwe.

UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uMnuz Hope Papo ovakashele lezi zibhedlela ubongele abazali bezingane wase ebonga nabasebenzi bezibhedlela ngokusebenza kwabo kanzima ngalesikhathi samaholidi.

SHOW ALL
Advertisement