.
IHHASHI elisha lakwa-Hyundai i-H100 Bakkie liyimpendulo kubantu abanamabhizinisi ngoba likwazi ukulayisha impahla ebhekile, kanti nangaphambili lintofontofo ungakwazi ukulisebenzisa nasezintweni zomndeni
IMOTO: Hyundai H100
UMA udinga imoto ekwazi ukumelana nemisebenzi enzima edinga amandla, akukho ukubheka kude ngoba iHyundai-H100 Bakkie iyimpendulo kulokho. Isizakhele isithunzi ngokuba yimoto ethembekile, ebekezelayo futhi ezibhincisela nxanye nezimbangi zayo emkhakheni i-light commercial vehicles.
Kwa-Hyundai Commercial Vehicles, okuwuphiko lakwa Hyundai Automotive South Africa, sebethe ukunyusa izinga kuleli loli ngokuthi bathi ukuliphonononga kancane base befaka nenjini entsha. Izinto eziningi ebezivele zitholakala kulo phambilini basazoqhubeka nazo nakuleli
Leli loli elincane elingu 1,3 ton H100 Bakkie liqondiswe ngqo kubantu abanamabhizinisi ngoba kuhloswe ngalo ukubhekana nezidingo zabo.
Okubukeka kukusha abakwenzile ukuthi balishintshe ngaphambili kwi-grille. Amalambu sebethe ukuwashintsha abukeka ngenye indlela njengoba esegqize ngombala onsundu emachosheni.
IHHASHI elisha lakwa-Hyundai i-H100 Bakkie liyimpendulo kubantu abanamabhizinisi ngoba likwazi ukulayisha impahla ebhekile, kanti nangaphambili lintofontofo ungakwazi ukulisebenzisa nasezintweni zomndeni
.
Obhampa bangaphambili sebethe ukuvuleka, kanti nezibuko ezinhlangothini bazelulile zase ziba utshumo ukusiza umshayeli ukuthi akwazi ukubona kahle ngemuva.
Noma kuyiveni kodwa ngaphakathi kuseyintofontofo yodwa yase idla ngokuvuleka. Uma ufuna ukufakelwa i-air conditioner kumele wengeze imali ngaphezulu.
Uhlobo lwesiteringi sakhona okwazi ukusinyusa nokusehlisa siyishintshile indlela esibukeka ngayo le moto ngasohlangothini lomshayeli.
Zonke izinto bazenze zabhekana nomshayeli okwenza ukuthi umshayeli akwazi ukufinyelela kalula kumabhathini. Njengoba kuyiveni bazenze zaba ziningi izikhala zokubeka izinto.
Isikhenke sale moto siwubude obungu 745 mm ukuze ikwazi ukulayisha ngendlela impahla futhi nokuyehlisa kube lula.
Ngemuva kwi-tailgate iyakwazi ukuvaleka thaqa okwenza ukuthi impahla ivikeleke ingawi uma imoto isihamba ezindaweni ezehlelayo nezimbi.
INJINI
Le njini ingu 2.6 litre, 2 607 cc, 4 cylinder kanti isebenzisa udizili. Le njini inamandla angu 58kW kanye ne-torque engu 167Nm. Kwa Hyundai bazishaya isifuba ngezinjini zabo zikadizili abathi yikho okwenza amaloli abo amancane ama-H100 abe ngathembekile futhi athandwa kakhulu.
Okunye eliphuma nakho leli loli i-warranty yeminyaka emihlanu emuva kuka-150 000km kanye ne-warranty yeminyaka emithathu emuva kuka 60 000km.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services