.
ABANTU bamathenda bazokuthokozela ukuthi isize yafika ifiat Doblo entsha edle ngesikhala esikhulu sokulayisha impahla ngemuva. Noma kuyimoto elungele ukwenza imisebenzi kodwa kwa Fiat benze isiqiniseko sokuthi bayaziqinisa ezokuphepha kuyo
IMOTO: Fiat Doblo
EMUVA kwezinyanga ezimbalwa ezedlule kwa Fiat bememezele ukuthi bazokwethula iDoblo Cargo kuleli, seluze lafika olungaliyo njengoba le moto isithelekile.
Labo abanezinkampani noma imisebenzi yamathenda, iDoblo iyona imoto ebalungele.
Uma ungumlandeli wale ngosi uzokhumbula ukuthi sike sabikezela ngokuza kwe Doblo kuleli njengoba sekuya ngawo amagama enkehli.
Itholakala ngezinhlobo ezintathu zezinjini, okukhona esebenzisa upetrol engu- 1.4 litre nezisebenzisa udizili okungama, 1.3 Multijet ne 1.6 Multijet. Lolu hlobo olusha lweDoblo ludle ngamandla, aludli kakhulu ku-petrol, futhi luntofontofo Lena enenjini engu-1.4 esebenzisa u-petrol ne-1.3 Multijet zizotholakala kuphela. Ziyizinqanyana ama-short wheelbase, bese kuthi i-1.6 Multijet Maxi yona idle ngokuba yinde abayibiza nge-long wheelbase.
AMANDLA EZINJINI
Injini engu-1.4-litre ka-petrol ikhiqiza amandla afinyelela ku 70kW ne-torque engu 127Nm.
Ugearbox walapha udonsa ngamagiya amahlanu, kanti uyashintshwa. Njengoba bekucacisile kwaFiat ukuthi abakuqondile ukubhoboza amaphekethe ngeDoblo, le njini nje idla u-petrol ongamalitha angu 7.2 ngebanga lika 100km. Konke lokhu kuncika kakhulu ekutheni uyishayela kanjani.
Injini engu-1.3 Multijet nayo itholakala ngo-gearbox ongu-5 speed oshintshwayo, okhiqiza amandla afinyelela ku 66kW kanye ne-torque engu-200Nm. Njengoba le njini isebenzisa udizili, yona ithe ukwehla kancane ngezinga ngoba idla amalitha kadizili angu-5.2 ngebanga lika 100km. KwaFiat bathi noma kuyimoto enkulu kodwa uma isihamba ngokungakhathalekile ukuthi ilayishe kanjani, izwakala njengemoto encane.
Uhlobo lweDoblo oluyisinqamu i-short wheel base lukwazi ukuthwala umthwalo oyisisindo esingu-750kg kodwa i-long wheel base iyawunyusa umthamo uze ufinyelele ku 1000kg. Noma kuzoba nzima ukukuchaza lokhu njengoba bengebanangi abantu abanolwazi ngeDoblo kodwa lena entsha ngobude ingu 4390, ukuvuleka ingu 1854 kanti ukuya phezulu ingu-1854.
Indawo yokubeka impahla ngemuva kulula ukufinyelela kuyo ngoba inezikhadlana ezihlelekile, kanti nesicabha sakhona yileso esijwayeleke ematekisini esibizwa nge-sliding door okwenza kube lula ukuphuma nokungena.
Kuzwakala kuyinto ekahle lokhu abakushoyo ngezibambo zezicabha zayo ezakhiwe ngendlela yokuthi zikwazi ukuvuleka ngesandla sokudla noma esokunxele.
Ngaphambili iwindi layo livuleka ngendlela engajwayelekile okwenza abahleli ngaphambili bakwazi ukubona kahle konke okuphambi kwabo.
AMANANI
Doblo Cargo 1.4 – R159 900
Doblo Cargo 1.3mjt – R174 000
Doblo Cargo Maxi 1.6mjt – R202 000
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services