ISILO samaBandla sizokwembula itshe lesikhumbuzo loMntwana waseNdlunkulu owashona eminyakeni eminingi edlule emcimbini ohlelelwe uMgqibelo esiya kuwo.
Lo mcimbi wokwembulwa kwetshe loMntwana uMgidlana KaMpande uzoba sesigodlweni eNtshiweni esizweni seNkosi uMzimela.
UMntwana uMgidlana yindodana yeSilo sakwaNodwengu eyaphila isikhathi eside.
Washona ngo-1932 eshiya leli nomnotho ojulile ngenxa yokubhala umlando wendlu yasebukhosini.
Waphila ngesikhathi samakhosi amane aseNdlunkulu – uyise, uCetshwayo, iSilo uDinuzulu neSilo uMaphumuzana.
Itshe lesikhumbuzo lizovulwa yiSilo esibusayo.
Kulindeleke ukuthi uMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Zweli Mkhize, babe khona kulo mcimbi.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services