Isilomo soKhozi FM siphawula ngomshado

Comment on this story
NO TSHATHA12 INLSA UTSHATHUGODO uthi ayikho indaba yokuthi usekipite eflethini nesipatsha esibomvu kodwa ubuyele kubo eLindelani, eNyakatho yeTheku. Isithombe:SANDILE MAKHOBA

BONISWA MOHALE

UMSAKAZI odumile woKhozi FM uKhathide “Tshatha” Ngobe usephawule okokuqala ngezinkinga ezigubezele umshado wakhe.

Izolo lo msakazi utshele Isolezwe ukuthi kumphatha kabi ukufunda izindaba zomshado wakhe emaphephandabeni. Uthe unabo ubufakazi bokuthi umkakhe ubemgangela waze wakhulelwa.

Udaba loqhekeko emshadweni kaTshatha luqale ukuphuma ngeSonto eledlule kwiSolezwe ngeSonto kanti izolo kuvele ukuthi unkosikazi usolwa ngokuba neshende eligcine limkhulelisile wakhipha isisu.

UTshatha izolo uthe unobufakazi bokuthi umkakhe wasikhipha isisu.

UNkk Nontobeko Ngobe uMaKhuzwayo, uthe njengoba uTshatha ethi unobufakazi bokuthi wakhipha isisu futhi uneshende ngeke aphawule lutho kodwa makabukhiphe lobo bufakazi. Uqede lapho wavalelisa ocingweni. Ngesikhathi evakashelwe yiphephandaba kubo eLindelani, uTshatha ukuphikile ukuthi usehlala efulethini nentombi esho ukuthi usebuyele kubo.

NO TSHATHA UTSHATHUGODO uthi ayikho indaba yokuthi usekipite eflethini nesipatsha esibomvu kodwa ubuyele kubo eLindelani, eNyakatho yeTheku. Isithombe:SANDILE MAKHOBA INLSA

Ebuzwa ukuthi ngabe yini emsuse lapho bebehlala khona nomkakhe eMorningside Village, eThekwini, uthe ngeke aphawule ngalolu daba ngoba uselubeke ezandleni zomndeni wakhe.

“Kuyangimangaza ukuthi ngifunde iphephandaba elithi bengihamba nezintombi emcimbini ngibe ngangihamba nozakwethu engisebenza nabo. Umkhwekazi ukhuluma izinto ebezikhulunywe ngumthombo ngeSonto elidlule manje kuyangicacela ukuthi nguye umthombo. Angikhumbuli nakancane engikhuza,” kusho uTshatha.

Uthe hleze umkhwekazi udidwa yizintombi lezi asebenza nazo oSthandwa Nzuza, o-Zim Dollar noNongcebo McKenzie asuke ehamba nabo.

“Angithandi ukukhuluma ngezindaba zomshado wami emaphephandabeni. Lolu daba seluphethwe wumndeni wami, mina ngeke ngisho lutho yize lungiphatha kabi. Engingakusho njengamanje wukuthi uJehova owazi konke ngami,” kusho uTshatha.

Ngesikhathi uTshatha ekhuluma nezintatheli omakhelwane bakhe bebedlula bembingelela abanye bemcela ukuthi abahlekele uhleko lwakhe lwasemsakazweni.

UTshatha ushade noMaKhuzwayo ngo-2011 eBandla Hotel and Conference Centre, eBallito, kanti kwakutoyitoya izintombi nto ngaphandle kwehhotela ngelanga lo mshado.

no makhuzwayo UNKK Nontobeko Ngobe umaKhuzwayo oshade nomsakazi woKhozi uTshatha uthi umyeni wakhe kumele akhiphe ubufakazi bokuthi ubeganga futhi uze wakhuleliswa yishende. Isithombe: Facebook FACEBOOK

sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.