Isiqalile ukubadida ababukeli iBig Brother

Comment on this story
no TANZANIA - Hilda and Julio . UHILDA noJulio baseTanzania

USUQALILE ukudida ababukeli umdlalo owenzeka ngempela iBig Brother Stargame njengoba sekuqaliwe ukukhishwa kwabadliwe yivoti kulo mdlalo odlala ubusuku nemini ku-Channel 198 ku-DStv.

NgeSonto ebusuku kuqalile ukushuba kwalo mdlalo njengoba abadidiyeli balolu hlelo beshaye ingwijikhwebu bakhipha abathathu, esikhundleni sababili noma abane nokushiye ababukeli bedidekile.

Ababukeli badidwe wukuthi kulo nyaka abangenele bahamba ngababili nokusho ukuthi noma sebephuma kumele baphume ngababili njengoba kungavotelwa umuntu kepha kuvotelwa izwe elimelwe.

Umbhangqwana waseTanzania uJulio noHilda baphume bobabili kodwa kwaphenduka amatafula uma sekuziwa ezilamanini zaseZimbabwe uManeta noTeclar.

UTeclar ukhishiwe kulolu hlelo kodwa uManeta wabuyiselwa ngokuyojoyina osaziwayo abalungenele abahlaliswe bodwa emzini obizwa nge-Upville.

Ngemuva kwalesi senzo ababukeli bebebuzana bengazitholi izimpendulo zokuthi kulandelwe muphi umgomo wokuhlukanisa umbhangqwana waseZimbabwe.

no ZIMBABWE- Maneta and Teclar UMANETA noTeclar baseZimbabwe .

Imibuzo ethunyelelwe uMichelle Essau wakwa-M-Net ngalesi sinyathelo ayiphendulekanga kanti nezingcingo zakhe bezingabanjwa.

Usasele namanje lo mbuzo njengoba ngeSonto umunwe ukhombe amazwe iLiberia (Luke noYadel) neSierra Leonne (Dalphin noZainab) kwabangase baphume eDownville – okuwumuzi okuhleli kuwo abanye abangebona osaziwayo.

Njengoba sekuqalile ukuphuma kwabanye sekuqalile nokushuba kulolu hlelo njengoba sekukhona abaqalile ngezingxabano ezishubile.

Ingxabano eqale ukudonsa amehlo ngekasaziwayo wakuleli uBabalwa (Barbs) nomculi waseKenya uPrezzo abadonse izinsukwana bebhekene ngeziqu zamehlo ngemuva kokuthi uPrezzo etshele emehlweni uBabalwa ukuthi njengoba eneminyaka engu-34 “usegugile” futhi akukho muntu wesilisa ozofuna ukumshada uma eseno-35.

Lokhu kushiye uBarbs nenhliziyo ebuhlungu waze wakhala, kwalamula khona ukuxolisa kukaPrezzo ngemuva kokuqondiswa yintokazi yaseNigeria, uGoldie, engamfihlelanga ukuthi amazwi awajikijele kuBarbs kawabanga mnandi.

Okunye okuzobukeka kujika izinto e-Upville ngukufika kumaManeta ofike kwakhala izinsizwa njengoba eyintokazi ekhangayo.

Umculi waseZimbabwe okulendlu, uRoki, akafihlanga efika uManeta ukuthi uyazifela ngaye kanti lokhu kwenze nabanye besifazane baphaphama kufika le ntokazi.

Uzibangele isigcwagcwa usomahlaya waseGhana uDKB exabana nentokazi engumculi waseZambia uMampi.

UDKB utshele uMampi ukuthi mumbi ngale ndlela yokuthi ubukeka njengomuntu wesilisa, uma engasusa izinwele azixhumile angaba yindoda uqobo.

Kubukeka kusazoshuba kulo mdlalo njengoba wonke umuntu ezimisele ngokugcina ewutholile umklomelo ka-$300 000 (R2.45 million). - INTATHELI YESOLEZWE


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.