Isiyihlaya ekaRuby noKhethiwe

Comment on this story
no Khethiwe . UMam Ruby (Slindile Nodangala) enenebula uKhethiwe (Winnie Modise) ngepayipi emuva kokumbamba ukuthi uthandana nesoka lakhe uXolani

NONHLANHLA MKHABELA

SISUSE igidigidi isiqephu sangesonto eledlule somdlalo iGenerations, esesiphendulwe ihlaya nasezinkundleni zokuxhumana.

Kulesi siqephu uMam Ruby (Silindile Nodangala) uqedela uKhethiwe (Winnie Modise) ubumnandi ngokumnenebula ngenduku ngoba emsola ukuthi umthathele isoka lakhe uXolani (Siyabonga Radebe).

Selokhu kudlale lesi siqephu sekuqhamuke amahlaya ehlukene kanti abanye sebeze baqhamuka nemibhalo ethi: “Ngabe bakuthathele indoda? SMS Ruby...”

Igidigidi alikho ezinkundleni zokuxhumana kuphela njengoba nomlingisi odlala indawo kaKhethiwe ethi isishintshile indlela abalandeli bakhe abamemukela ngayo uma behlangana naye.

Lokhu kuvele ngesikhathi Isolezwe lixoxa noWinnie othi ubelindele ukuthi abantu bangamemukeli kahle ngemuva kwalesi siqephu njengoba besakhona abantu abehluleka ukuhlukanisa phakathi komdlalo nempilo eyenzeka ngempela.

no Khethiwe 2 Ababebukela uKhethiwe enenebulwa kulo mdlalo abakhombisanga ukudabuka okubonakala emphakathini njengoba babezithathela izithombe nama-video .

Uthi kunokuba abantu bamhleke noma bamgcone ngesenzo sikaRuby sokunenebula uKhethiwe, bakhombisa ukumdabukela.

“Abantu abaningi engihlangana nabo bamane bathi kodwa ukwenzani uMam Ruby kunokuba bathi uKhethiwe uthole okumfanele ngenxa yezenzo zakhe,” kusho uWinnie.

Lesi siqephu seGenerations sisawundabuzekwayo.

UWinnie uthi kuyinto enhle ukuthi le ndaba isasematheni namanje ngoba kusho ukuthi kukhona abantu abakufundayo kulo mdlalo.

“Kunesifundo okumele abantu basithole kule ndaba, ukukhuluma ngayo kwabo kukhomba ukuthi lokhu kwenzekile,” kuchaza uWinnie.

USlindile uthi kuyena okugqame kakhulu emuva kokudlala kwalesi qephu wukuthi abantu bayazifela ngoRuby futhi bayameseka noma ngabe wenzani.

no Khethiwe 3 U Mam Ruby ( Slindile Nodangala ) enenebula u Khethiwe ( Winnie Modise ) ngepayipi emuva kokumbamba ukuthi uthandana nesoka lakhe u Xolani Group

Uthi akaze ahlangabezane namagama noma izenzo ezikhomba ukunganami kubalandeli bakhe kodwa kunalokho ubona sengathi usezakhele udumo olusha.

“Abalandeli baRuby bajabula kabi eshaya uKhethiwe abanye baze bacele nokuthi amphinde futhi,” kuchaza uSlindile.

Uthi nobudlelwano bakhe noXolani omncane kunaye abalandeli baRuby abanankinga ngabo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.