IZINKAMPANI ekhiqiza iCoca-Cola nenkampani iSodaStream zibhekene ngeziqu zamehlo kulandela ukungaboni ngaso linye ngomkhankaso wokufundisa abathengi ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo okwenziwa ngabakwaSodaStream.
Le nkampani ibinombukiso ebiwenza esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo eGoli.
Lokhu kuvezwe ngabakwaSodaStream izolo, abathe lo mkhankaso ubenziwelwe lapho kungenela khona abagibeli abazothatha izindiza. Lo mkhankaso uqalwe kusukela ngoMeyi walo nyaka.
Bathe kuvele ukuthi ayinqwaba amakani namabhodlela asetshenziswa yimindeni eminyakeni emithathu.
OyiMenenja yezeNtengiso kwaSodaStream, uMnuz Francois Dippenaar, uthe inkampani yabo igcwalise imigqomokazi emikhulu ngamabhodlela abalelwa ngaphezu kuka-5 078 okuqoqwe emadampini ehlukene okuhlanganisa amakani namabhodlela eCoke, Fanta neSprite okuyinto esuse umsindo yathukuthelisa abakwaCoca-cola South Afrika okuyibo abakhiqiza lolu hlobo lweziphuzo.
“NgoJuni 1, sithole incwadi ivela kwabakwaCoca-cola South Africa ithi sephule amalungelo okuhlonipha iTrade Mark yabo sangayilandela nemigomo yabakwa-Advertising Standards Authority of SA (Asasa). Bafune ukuthi sishenxe kulo mkhankaso bese sibhala incwadi sisho ukuthi ngeke siphinde sikwenze lokhu,” kusho uDippenaar.
Uthe inkampani yabo iyiphindisele emuva kwabakwaCoca-cola SA leyo ncwadi ngoJuni 18, yakucacisa ukuthi ngeke ivumele nanoma yikuphi ukumiswa noma imizamo yokumiswa okuzokwenzeka.
“Sizoqhubeka nomkhankaso wethu. Akuyona imikhizo yakwaCoca-cola kuphela esisebenza ngayo,” kusho uDippenaar.
Okhulumela abakwaCoca-cola SA, uNksz Zipporah Magubane, utshele abezindaba ukuthi okwamanje akukho zinyathelo zomthetho ezisathathiwe. Uthe abafakanga sikhahlo kwa-Asasa.
Ngokusho kwabakwaSodaStream, abalelwa ku-25% kuphela amakhonteyina angamapulastiki namakani okugaywe kabusha ezweni lonke.
Bathe inkampani yabo igqugquzela ukuba kusetshenziswe amabhodlela okulula ukuba abuye asebenziseke okuyinto abayenza ngenhloso yokuxhasa umkhankaso wokugqugquzela ukongiwa kwemvelo. – Intatheli yeSolezwe