MTHOKOZISI MNCUSENI
K UNYOMFEKE izinhlelo zabadlali beMamelodi Sundowns izolo emini ngesikhathi inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCaf, imemezela ukuthi ompetha be-Absa Premiership sebebuyiselwe kuChampions League kulandela ukukhishwa kulo mqhudelwano kwe-AS Vita Club yaseDRC esolwa ngokusebenzisa umdlali ongafanele.
NgokweCAF, i-AS Vita okuyiyona ekhiphe iSundowns kulo mqhudelwano sekuhlungelwa eyamaqoqo, ngeke iqhubeke nokudlala kweyamaqoqo kulandela ukubhadanywa kwayo ukuthi ngesikhathi ikhipha ezikaPitso “Jingles” Mosimane isebenzise u-Idrissa Traore kungafanele.
ISundowns ibuyela kuChampions League nje, ngesonto eledlule iphume kuConfederation Cup ishaywa yiqembu laseGhana iSC Medeama.
ISundowns yakhishwa yiVita ngo 2-2 ngemuva kwemilenze yesibili. Kowokuqala kwaba ngu 1-1, kowesibili iSundowns yanqoba ngo 2-1.
Omunye wabadlali abaphambili beSundowns okhulume ne Solezwe ngaphandle kokuvumelana nabaphathi njengoba kuhlale kwenziwa, okudale ukuthi anxuse ukuba lingavezwa igama lakhe, uveze ukuthi nakuba bejabule kodwa konke abebekuhlelile sekonakele.
“Ngikhuluma nawe nje sikhangisa ngendebe lapha ePitoli kodwa ukufika kombiko wokuthi siyabuyela kuChampions League kuzinyomfe zonke izinhlelo ebese sinazo.
“Besazi ukuthi uma siqeda ukukhangisa ngendebe siya emakhaya kwazise besizovala. Nakuba singakatshelwa okuningi kodwa siyaqonda njengabadlali ukuthi amaholidi ethu asezophazamiseka kwazise umdlalo wokuqala wamaqoqo ungoJuni 17. Sizohlangana ebusuku (esho izolo) lapho sizocaciseleka ngokuzokwenzeka. “Engingakusho nje ukuthi nakuba sijabule kodwa kuningi ebese sikuhlelile ngamaholidi osekunyomfekile,” usho kanje lo mdlali.
Ukubuyela kuCaf kusho ukuthi iningi labadlali beSundowns ngeke basithole isikhathi sokuphumula kwazise iningi labo lidlalela amaqembu esizwe, nawo anemidlalo emqoka ngoJuni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2017.
UKeagan Dolly uyena ozoba nenkinga kakhulu ngoba ukhona kuBafana nakuma-Olympics ango-Agasti kubhekwe yena.
Ngesikhathi iCAF ichaza ngesinqumo sayo ikucacisile ukuthi leli cala lifakwe yiStade Malien yaseMali ekhale ngokuthi ngesikhathi uTraore esadlala kuyona ngo-2015 uthole isigwebo esimmisa imidlalo emine. Lo mdlali ume umdlalo owodwa kwase kuphela isizini obekungeyakhe yokugcina kuMalien. Kusale imidlalo emithathu obekumele ayihlale eqenjini lakhe elisha (AS Vita) kodwa lokho kwangenzeka. Ngokwemithetho yeCAF u-article 114.1 no-114.2 iqembu elidlalisa umdlali kungafanele akukhulunywa ngaphandle kokuthi likhishwe emqhudelwaneni. Lo mdlali udlalile nangesikhathi i-AS Vita inqoba kuMafunzo yaseTanzania kweyokuhlunga kodwa umthetho u-article VII Clause 9 & 10 umile ekutheni iqembu elikhishwe ngenxa yaleli phutha indawo yalo ithathwa yiqembu lokugcina elishaywe (elonile) okuyiSundowns.
Izolo ngesikhathi sekuqhathwa kwamaqembu azodlala kweyamaqoqo, iSundowns ifakwe kuGroup B neZamalek yase-Egypt, Enyimba yaseNigeria neES Setif yase-Algeria kwathi u-Group A kwaba yi-Al Ahly yase-Egypt, W.A.C yaseMorocco, Asec Mimosa yase-Ivory Coast neZesco yaseZambia.