ISuperSport itheze izinduku ezintsha

Comment on this story
no new supers Gallo Images ABADLALI abasha beSuperSport United abethulwe ngokusemthethweni izolo, kusuka kwesokunxele uGeorge Maluleka, Clifford Mulenga, Rose Petersen, Bevan Fransman, noRonald Mohlaka. Isithombe: GALLO IMAGES

MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weSuperSport United uGavin Hunt usichaze njengamakinati isabelo abesinikwe abaphathi baleli qembu ukuthi aqinise isikwati sakhe kodwa weneme kakhulu ngabadlali abathengele isizini ezayo.

Lo mqeqeshi uthi kuyamjabulisa ukuthi ukwazile ukuthenga kulokhu kwazise kuhlale kuthengwa abadlali bakhe njalo uma kuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali.

Leli qembu elingompetha beNedbank Cup lethule ngokusemthethweni uBevan Fransman, Innocent Mdledle obekuMamelodi Sundowns, Ronald Mohlaka (Mpumalanga Black Aces), Clifford Mulenga (Bloemfontein Celtic), George Maluleke (Ajax Cape Town) noRoscoe Pietersen (Chippa United) njengabadlali babo abasha izolo emini.

“Kwehlukile kulokhu, yithina esithengile yize benginikwe amakinati, ngenxa yesimo, ukuthi ngithenge abadlali. Okuhle ngami ukuthi ngithenga lapho ngibona kunesidingo khona njengoba ngenzile nakulokhu. Ngeneme kakhulu ngabadlali esibatholile futhi angingabazi ukuthi bazosenzela umsebenzi oncomekayo. Ngeke ngande kakhulu ngomlomo kodwa indlela esenza ngayo enkundleni iyona ezocacisela abantu ukuthi yini eyenza ngikhulume ngale ndlela,” kusho uHunt obhekene nokwenza kahle e-Afrika kule sizini ezokwethwasa.

Okuyikona athe kumthokozise kakhulu uHunt ukuthi uthole uFransman obedlalela iHapoel Tel Aviv yakwa-Israel.

“Uyena ufishi omkhulu kubadlali esibatholile. Uza nesipiliyoni esihle asithole ku-Uefa Champions League kanti nakuBafana Bafana useke wadlala khona. Uzobasiza abafana abancane azodlala nabo emuva ngenxa yalesi sipiliyoni. Ngike ngasebenza naye phambilini ngakho-ke ngiyakwazi engikulindele kuyena. Neminyaka isamvuma,” kusho lo mqeqeshi.

Mayelana noMdledle benoMulenga abanomlando wokungaziphathi kahle lo mqeqeshi uthe: “Ngibathanda kabi abadlali abafika benesizathu sokuvala abathile imilomo njengoMdledle noMulenga abaziwa ngokungaziphathi kahle. URonald yena usemncane futhi uzokhula nathi.”

UHunt owethembise ukuthi uzoxuba abadlali abancane nabanamava.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.