Gallo Images
ITHANDA Royal Zulu izothembela kwisipiliyoni sabadlali abafana noBafo Biyela njengoba kubuya imidlalo yeNational First Division (NFD). Isithombe: GALLO IMAGES
UMQEQESHI weThanda Royal Zulu uNeil Tovey uzothembela ezindukwini ezintsha ezinesipiliyoni ukudlula esikhathini esinzima leli qembu elizobhekana naso njengoba imidlalo yalo yokuqala emzuliswaneni wesibili izokuba sekuhambeni.
AmaBhubesi ahlezi endaweni yesibili ku-log yeNational First Division (NFD) azovula ngomdlalo onzima ngoLwesithathu njengoba ezovakashela iVasco Da Gama elele endaweni yesithathu, eParrow Park bese elandela ngomunye umdlalo wasekuhambeni ne-United FC ngeSonto.
“Indaba yokuthi iqembu esidlala nalo lihlezi endaweni yesithathu ayithi shu kodwa okubalulekile wukuthi siqale ngenothi elihle. Yebo khona umdlalo ngeke ube lula kodwa kuzomele silwele into eyodwa okungamaphuzu amathathu. Sizibekele izinjongo ezithize njengoba sisesikhathini esinzima kwazise sizodlala imidlalo emithathu ekuhambeni emasontweni amabili,” kusho uTovey.
NgoFebhuwari 22 iThanda izokwamukela i-Atlie FC bese kuthi ngoFebhuwari 26 ibhekise amabombo eCharles Mopeli Stadium ukuyoshukuna ne-African Warriors.
Leli qembu eliyithemba leKwaZulu-Natal kuNFD ligawule iningi la badlali abanesipiliyoni njengoba bekunewindi lokusayiniswa kwabadlali.
Lilande oVusiwe Masondo, Bulelani Matross, Bafo Biyela, Dennis Omino noMzwandile Ndimande ukuqinisa isikwati salo.
“Akubuzwa ukuthi isipiliyoni sabo sizokuba wusizo olukhulu eqenjini lethu. Okunye esikubhekile ngaphambi kokubasayina wukuthi yikuphi lapho sishoda khona. Uma ubuka imidlalo yethu eminingi sakha inqwaba yamathuba kodwa sehluleke wukuwavalela phakathi. Iningi labadlali esibasayinisile abagijima phambili,” kusho uTovey.
IVasco ihlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-29 ngemuva kwemidlalo engu-15. Ngakolunye uhlangothi AmaBhubesi asendaweni yesibili ngamaphuzu angu-31 okuzokwenza lo mdlalo unconsise amathe.
Ebuzwa ngekhefu le-Afcon uTovey uthe: “Isikhathi esizokhomba. Sinabadlali abahle futhi basitholile isikhathi sokwazana. Kuhle ukuthi sinombango wejezi kuzo zonke izindawo. Lokhu kuzokwenza wonke umuntu asebenze kanzima,”
Imidlalo yeNFD phakathi nesonto imi kanje:
Kusasa: Pretoria University v Black Aces (ABSA Tuks Stadium, 3.30pm)
NgoLwesithathu: Witbank Spurs v Bay United (Puma Rugby Stadium, 3.30pm); FC A.K v Dynamos (Mehlareng Stadium, 3.30pm); Carara Kicks v African Warriors (Charles Mopeli Stadium, 3.30pm); United FC v FC Cape Town (De Beers Stadium, 3.30pm); Blackburn Rovers v Chippa United (Buffalo City Stadium, 3.30pm); Sivutsa Stars v Atlie FC (Kanyamazane Stadium, 3.30pm)
|
|
Services