isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Ithathe elinye igxathu iMTV Base

Comment on this story


no ltido

Group

L-Tido

KUFIKA umculo, imidlalo yamahlaya nomethuli wezinhlelo uSizwe Dhlomo kwabaningi uma becabanga ngesiteshi sethelevishini somculo iMTV Base esiku-Channel 322 ku-DStv.

Umdlalo omusha ozotshengiswa kulesi siteshi uzoke ushukumise kancane kuMTV Base njengoba uzobe ukhuluma ngezihloko ezishubile eziqondene nentsha yase-Afrika.

Lo mdlalo, obizwa ngokuthi yiShuga: Love, Sex, Money, uzoqala ukudlala ngesonto elizayo (Febhuwari 14) ngo-9.30 ebusuku kulesi siteshi.

Uqoshelwe eKenya kanti uzogxila ekuvezeni izinselelo intsha yakule lizwekazi evame ukubhekana nazo njengocansi, imali, uthando, njll.

Ukubhebhetheka kwegciwane lengculazi kuhamba phambili kulo mdlalo, kuzovela nokuthi intsha yaseKenya ibhekana kanjani nalesi sihlava.

Yize lo mdlalo uqoshelwe eKenya kepha udidiyelwe waqondiswa ngamaciko akuleli oTeboho Mahlatsi no-Angus Gibson bodumo lweYizo Yizo neJacob’s Cross.

Copy of no shuga [1]

ABANYE abalingisi bomdlalo oqoshelwe eKenya ozobukiswa kuMTV Base kusuka ngesonto elizayo ngoDala noLeo

Group

“Abantu kumele bakuqaphele ukuthi lo mdlalo uzovezwa kuMTV (isiteshi somculo) nokuyinto engajwayelekile. Nokho iMTV ibikwenza lokhu emazweni ehlukene ase-Afrika. Sibe sesifaka isicelo sokwenza lo mdlalo eKenya saphumelela. Saqopha isizini yokuqala yathakaselwa kakhulu ezwenikazi,” kusho u-Angus.

Lokhu kuholele ekutheni baphinde bacelwe ukwenza isizini yesibili yalo mdlalo, le ezoqala ukudlala ngesonto elizayo.

“Sibona sengathi lo mdlalo uzoba nomthelela imidlalo efana noYizo Yizo neJacob’s Cross ebe nawo kubantu baseNingizimu Afrika. Wenze abantu baseKenya babona ithalente abanalo kanjalo nezinselelo okumele babhekane nazo. Sithole ukuthakaselwa naseNigeria njengoba kukhona nomlingisi wakhona. Ungathuki uma uzwa ukuthi isizini elandelayo izoqoshelwa eLagos,” kuncokola u-Angus.

Ngaphandle kokuvulela abantu baseKenya amathuba omsebenzi, baphinde bathuthukisa nekhono njengoba bebeba nemibuthano lapho becija khona intsha esemkhakheni wokwenza amafilimu.

Lo mdlalo uhlanganise nabaculi bakule lizwekazi njengoba abaculi be-hip hop oL-Tido wakuleli, Banky W noWizkid baseNigeria noBonie waseKenya bezodidiyela bacule ingoma ezoba yibika lalo mdlalo. - INTATHELI YESOLEZWE

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
mcD
I'm a 37 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 40.
View Profile
bongsta12
I'm a 32 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 36.
View Profile
ccw
I'm a 31 year old man looking to meet women between the ages of 27 and 32.
View Profile
IOL - dating
s5864
I'm a 39 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 49.
View Profile
IOL - dating
Arani
I'm a 27 year old woman looking to meet men between the ages of 28 and 47.
View Profile
IOL - dating
0cean_ntr
I'm a 36 year old woman looking to meet men between the ages of 25 and 45.
View Profile