Ithemba lengane kone-TB yesibeletho

Comment on this story
no ausi nkhe

LUNGI LANGA

USENETHEMBA lokuthola umntwana owesimame osezame izikhathi eziningi ukuthola ingane emuva kokuthola isifo sofuba (TB) esimhlasele isibeletho.

Umzamo wokugcina kaDkt Ausi Nkhi (38) wenhlangano iNkenke Consultancy and Healthcare wokuthola umntwana uholele ekutheni ahlinzwe okwesihlanu ngoba umntwana ehlale eshubhini okungesilo.

UDkt Nkhi wathola ukuthi unalesi sifo esafundela ubudokotela e-University of Cape Town, eWestern Cape.

“Ngisafunda ngathola ukuthi ngineTB yesibeletho. Imishanguzo ngayithatha ngendlela ngoba lo owayejutshwe ukuthi angisize ekuyidleni ngangimesaba. Ngayiqeda futhi lesi sifo salapheka, kepha sangishiya nezibazi,” kubeka uDkt Nkhi.

Eminyakeni engeminingi emuva kokuqeda imishanguzo washada. Uthe uma ezwa ubuhlungu kwesingenzansi waphuthuma kudokotela owamtshela izindaba ezimnandi zokuthi ukhulelwe. Kepha kungakapheli masonto amangaki le njabulo yaphelela emoyeni ngoba waphinda waba nobuhlungu kwesingenzansi. Wathi uma eya kudokotela, wamtshela ukuthi umntwana akahlalanga lapho bekumele ahlale khona. Kwadingeka ukuthi ahlinzwe bese beqala kabusha izinhlelo zokuzama ukuthola umntwana.

Lokhu kwakungukuqala komshikashika osuphoqe ukuthi angene iminyango eminingi efuna amasu okuthi akwazi ukuthola umntwana.

Etshela izethameli zengqungquthela yesithathu yesifo sofuba eThekwini uthe ukwazi kahle ukuphathwa wufuba.

“Ngisho kungathiwa ungumsebenzi wezempilo ingcindezi ehambisana nalesi sifo iyafana. Abantu bazitshela ukuthi usithola ngenxa yenhlupheko. Uma usuthola imishanguzo kuba yimishanguzo efanayo neyabanye abantu futhi kufanele uyithathe ngendlela uze uyiqede,” kusho uDkt Nkhi.

Ukhulume nangokudlanga kwalesi sifo kubasebenzi bezempilo ikakhulukazi abahlengikazi.

Uveze ukuthi ucwaningo oluningi olwenziwe kuleli nakwamanye amazwe lukucacisa bha ukuthi abasebenzi bezempilo bayabhubha wufuba. Uthe ungumuntu ongaphelelwa kalula ngamandla kepha kukhona isikhathi lapho ama kancane khona ukuzama ukuthola umntwana, wazinikela ezifundweni zamabhizinisi.

Emuva kwalokho yena nomyeni wakhe sebezame izindlela eziningi okubalwa kuzo i-In-Vitro Fertilisation. Nalokhu bekungakabalunge-li kepha abakaphelelwa yithemba.

Evala inkulumo yakhe uthe unethemba lokuthi kuyoba khona izindlela ezintsha zokulwa nalesi sifo njengoba enethemba lokuthi kusayoba khona injabulo yokugijima komntwana omncane emagcekeni akwakhe ngelinye ilanga.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.