NONTUTHUKO NGUBANE
I DURBAN Ladies isethubeni elihle lokukhala yemuke nesicoco seSasol League National Championship njengoba iqhathwe namaqembu amaningi aqalayo ukudlala kulo mqhudelwano eqoqweni labo.
Lo mqhudelwano uzoba seThekwini eKing Zwelithini Stadium kusukela ngoJuni 25-30 okokuqala selokhu ibhola labesifazane laxhaswa yiSasol nokubhekwe ukuba iDurban Ladies yenze ezibukwayo.
IDurban Ladies yagcina ngo-2003 ukudla umhlanganiso kulo mqhudelwano owawusePrincess Magogo Stadium usabizwa ngeSanlam League.
Leli qembu liseqoqweni elingahle libe lula ngoba kunamaqembu amathathu afikayo kulo mqhudelwano okuyiMsiphuya Ladies (Mpumalanga), RC Mills (Northen Cape) ne-Als Puk (North West).
Kule minyaka emithathu edlule iDurban beyenza kahle uma iqhudelana namanye amaqembu akwezinye izifundazwe kodwa ibhede ekugcineni.
Iqembu eliphethe isicoco yiPalace Super Falcons okugijima kuyona uPortia Modise noJanine Van Wyk bodumo lweBanyana Banyana. Bona baseqoqweni lesibili kanti namaqembu abaqhathwe nawo awakhombisi ukuthi angabanikeza inkinga.
Kuhlungwa amaqembu izolo, uNomsa Mahlangu, ongusihlalo ebholeni labesifazane. ukubeke kwacaca ukuthi angathanda ukubona iDurban Ladies iwina ngoba izobe idlalela ekhaya.
“Kungayijabulisa inhliziyo yami ukubona iDurban Ladies iwina kulokhu. Basethubeni elihle impela ngoba badlalela ekhaya, angikuboni okungabavimba,” kusho uMahlangu.
Okujabulisayo ngalo mqhudelwano yizihlabani zeBanyana ezizobe zikhona kwazise bonke abadlali beqembu lesizwe kulindeleke babe khona bezomela amaqembu abo ehlukene.
Ngenxa yama-Olympics asesemome kuzobe kungekho ukuphumula kulo mqhudelwano, kusukela uqala kuze kube ngowamanqamu ukuze abadlali beBanyana bakhululeke bathathe uhambo lwabo oluya eGermany lapho bezokhempa khona ngaphambi kokuya eLondon.
Kulo mqhudelwano kuzobe kungenwa mahhala futhi maningi amathuba okusakaza umdlalo wamanqamu bukhoma kuthelevishini yize izingxoxo zisaqhubeka.
Amaqoqo ame kanje:
Group A:
Durban Ladies (KwaZulu-Natal) , Bloemfontein Celtics (Free State), Msiphuya Ladies (Mpumalanga), RC Mills (Northen Cape) ne-Als Puk (North West).
Group B:
Palace Super Falcons Ladies (Gauteng), Cape Town Roses (Western Cape), Kanatla Ladies (Limpopo) neCity Ladies (Eastern Cape).