Ithi izobageza igilo iMiCasa

Comment on this story
no micasaah 1 . IQEMBU le-house iMiCasa lithi lizobakhiphela unyawo abazobe behambele Ugu Jazz Festival ngoMgqibelo njengoba lizokhipha wonke amangwevu

FANELESIBONGE BENGU

LITHEMBISA into yamehlo iqembu lomculo we-house elingaconsi phansi kwabaningi kulezi zinsuku, iMiCasa elizobe licula kuGu Jazz Festival ezobe isePort Shepstone kusasa.

IMiCasa okuboshelwe kuyona uMo T, J Something noDr Duda ithi izokwenza isiqiniseko sokuthi abantu abayikhaleli imali yabo kuGu Sports & Leisure Centre kusasa edilini lowe-jazz.

UMo T utshele Isolezwe ukuthi umculo wabo uhlukile kune-house ejwayelekile ngoba uyingxubevange ye-jazz, i-house eshaya ngesigqi esipholile ne-soul.

“Uma ubheka uDr Duda akasiye kuphela uDJ kodwa ubuye adlale upiyano mina ngidlala imfiliji okuyinsimbi yomculo emataniswa kakhulu nowe-jazz bese kuza uJ Something nezwi lakhe,” kusho uMo T othe bazobe bedlala bukhoma.

Uthe abantu abalindele ukudansa futhi balungise amaphimbo abo ngoba bafuna bacule kanye nabo uma sebeshaya izingoma zabo ezifana nezithi These Streets, La Vida, Heavenly Sent nezinye.

Kulo mcimbi osonyakeni wawo wesithupha kuzobe kushiyelana inkundla oZahara, Lira, Siphokazi, Thandiswa Mazwai, Stimela, Zakes Bantwini, Oliver Mtukudzi, Ringo, Mbongena Ngema, DJ Muntu, Brian Thusi nabanye abaningi.

Ugu Jazz luqala ngo-10 ekuseni.

Amathikithi asatholakala eComputicket kanti abiza u-R200 kuthi awezicukuthwane abize u-R600.

Khona manjalo, namhlanje kuzobe kunomcimbi owandulela owakusasa eMarburg Sports Ground lapho kuzobe kudlala khona uRalf Gum waseGermany, Zakwe, Shota, Professor, DJ Le Soul, DJ Tira, L’vovo, Da Babes, DJ Happy Gal, DJ 101 nabanye.

Amathikithi abiza u-R70 kanti lo mcimbi uqala ngo-7.30 ebusuku.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.