Group
UKHAYA Mthethwa waseMlazi eThekwini osefinyelele esigabeni sabayishumi kuma-Idols.
AKEKHO ozethemba ngokuphuma phambili emncintiswaneni wokuvundulula ikhono labaculi ama-Idols njengoba sebehlungwe bafinyelela kwabayishumi.
Abangenele kulolu hlelo bathi sekunzima kakhulu kulo mncintiswano njengoba amandla esekubabukeli nabalandeli babo okuyibona ababavotelayo.
Kulo mqhudelwano sekusele uTshidi Tenyane, Chloe Kiley, Obakeng Ramaboa, Monde Msutwana, Khaya Mthethwa, Dominic Neill, Nosipho Mngomezulu, Simphiwe Gwegwe, Shekhinah Donnell noMelissa Allison.
Isilomo saseThekwini uKhaya besigxumagxuma yinjabulo ngokufinyelela kulesi sigaba kodwa sikubeke kwacaca ukuthi usunzima lo mncintiswano njengoba sekukhuluma ivoti.
“Ungacabanga ukuthi unenqwaba yabalandeli kodwa uma abantu bengavoti kungenzeka noma yini. Okwenzeke kuShekhinah noMaryke kusitshengisile ukuthi ngempela kungenzeka noma yini. Akekho ophephile manje kulo mqhudelwano noma ngabe unabalandeli abangakanani ngaphandle,” kusho uKhaya.
Bavumelane naye abanye abangenele ama-Idols abacacise ukuthi mkhulu umehluko phakathi kokuba yisilomo nokuvotelwa kanti abanye bebekubeka kucaca ukuthi akusho lutho ukuba yisilomo.
“Uyabona kwesinye isikhathi abantu ngaphandle bayakucacisa ukuthi bathanda bani nokuyinto enhle. Engizitshela kona wukuthi kumele ngicule kuze kube nami ngiba yisilomo kukhulunywe ngami yonke indawo. Sonke siyakuqonda ukuthi sisemncintiswaneni,” kusho u-Obakeng.
Njengoba lo mncintiswano usukulesi sigaba, sekuzophuma oyedwa obe namavoti amancane njalo ngesonto. – Intatheli yeSolezwe
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services