.
Esinye seziqephu efilimini i-Call Me Kuchu ekhuluma ngesimo esibhekene nabantu abathandana bebe benobulili obufanayo
BONGIWE ZUMA
IVALWE ngegiya eliphezulu ifestiveli yamafilimu yaminyaka yonke eThekwini, iDurban Film festival ehlelwa ngabe Centre For Creative Arts ese-University of KwaZulu-Natal.
Le ndumezulu yomcimbi – ibukeka ikhula minyaka yonke – ihlanganisa abalingisi, ababhali, abaqondisi bamafilimu, izikhulu zikahulumeni nabantu abavela kuyo yonke iminxa yemboni yezamafilimu.
Yize izibalo eziqinisekisa lokhu zingakadedelwa kodwa kuthiwa izihambeli eziqhamuka emazweni angomakhelwane nawaphesheya kwezilwandle bezibalelwa ku-30 000 kulo nyaka.
I-33rd Durban International Film Festival ibe nomcimbi wokuklomelisa labo ababe nemisebenzi ethandwe kakhulu ngababukeli noma yizihambeli ze-festival.
Kuwona lo mcimbi obuseSuncoast Casino ngoMgqibelo ebusuku ifilimu i-Adventures in Zambezia ihlabane ngomunye wemiklomelo emikhulu.
Le filimu, edidiyelwe kuleli, iqondiswa nguWayne Thornley osebenzise izilwane ezehlukahlukene ukuqhakambisa ubuhle bemvelo nempilo yezilwane ezitholakala emazweni ase-Afrika.
I-Adventures in Zambezia izuze u-R30 000 emva kokuphuma phambili kwayo eqoqweni le-Best South African Feature Film ka-2012.
Ngaphandle kwayo akhona namanye ahambe phambili athatha imikomelo nezindondo zalo nyaka okubalwa kuwo i-Love Amour ebeyi-Best Feature Film eqondiswe nguMichael Haneke ethole u-R50 000, kwathi i-Sleeping Beauty yanikezwa u-R20 000 ngokuba iBest Feature Film ka-2012.
Ayisalanga ngaphandle nekhuluma ngamalungelo abantu abathandana benobulili obufanayo i-Call Me Kuchu negxile kakhulu esimeni esibucayi abaphila kuso abantu base-Uganda.
Iqembu laseThekwini i-Durban Divas eliholwa phambili uPinkie Mtshali nalo liqhulule amanoni alo nezinye zezingoma ezintsha ezikhuluma ngempilo yabantu baseNingizimu Afrika.
Le festival izophinde ibuye ngonyaka ozayo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services