GALLO IMAGES
KUZOBHEKWA umgadli omusha weMamelodi Sundowns |u-Edward Manqele |uma seyibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weMTN 8 khona maduze. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
IZOVULWA ngendumezulu yomdlalo wamagqubu isizini entsha yePremier Soccer League (PSL) njengoba iKaizer Chiefs izogadulisana neMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarter final yeMTN 8.
Amakhosi angayazi indebe eminyakeni emibili kwazise agcine ngo-2010 edla iTelkom Knockout asanda kuchayisa Abafana Bes'tayela esayinisa isigongqwane sesitobha u-Eric “Tower” Mathoho obegijima kuBloemfontein Celtic.
IDowns ibimfuna uthuli uMathoho ogijima nakuBafana Bafana njengoba ibisimzingela nakubo. Nokho imenenja kaMathoho, uTim Sukazi, ubelokhu elimise ngesihloko elokuthi umdlali ngeke imnuke iSundowns ngoba ufuna ukudlala kuChiefs okuyiqembu akhule eleseka. Ukusayiniswa kuka-Mathoho akungatshazwa ukuthi akwehlanga kahle ezikhulwini nabalandeli beSundowns.
Ngakolunye uhlangothi iZimpofana zigilwe yiSundowns elande u-Edward Manqele obekuFree State Stars. UManqele obevutha engabaselwe ngesizini edlule ubegaqelwe yiChiefs kanti ugcine esayine kuSundowns.
Abalandeli beChiefs bakhalile ngokushweba lo mgadli kwazise bathi uyophushiswa yimali kuSundowns. IChiefs ibifuna ukumgixabeza ngentshontsho lika-R70 000 ngenyanga.
ISundowns imnunusele ngetshe lemali engu-R140 000 ngenyanga okwenze wangananaza uManqele kodwa waqoma ezikaPatrice Motsepe.
Okuzokwenza ukuthi lo mdlalo uhehe uma kukhona uManqele ukuthi lo mdlali uke wacashunwa ethi: “Ngingathanda ukudlalela iChiefs ngoba ngikhule kuyiqembu engilithandayo futhi kungabe kufezeke iphupho lami uma ngingagijima kuyona.”
Ngesizini edlule iSundowns osekuphele iminyaka emine inganqobi lutho kodwa ekubeni ibophele izibabuli zabadlali, ayilibonanga elidlalayo kuChiefs emidlalweni emibili yeligi. Kowukuqala ezikaChintsha Guluva zanqoba ngo 1-0 wegoli likaThomas Sweswe kwathi kowesibili zathela othulini iSundowns ngo 2-0.
Kulo mdlalo uPunch Masenamela ogijima ngakwesokunxele emuva uzobhekana neqembu lakhe elidala okuyiChiefs.
Ngasohlangothini lwaMakhosi uSiboniso “Pa” Gaxa uzobonakala okokuqala edlubhe imifaniswano yeChiefs begadulisana nezakhe zakudala iSundowns.
Kuyimanje la maqembu amabili abanga uCalvin Kadi obegijima eGreece kuVeria.
UKadi ujima neSundowns njengoba Isolezwe like labika phambilini ukuthi leli qembu limgaqele lo mgadli.
Ngemuva komdlalo weMTN 8 la maqembu azophinde ashukane emdlalweni wesibili weligi.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services