Ivuna izithelo zokuzikhandla iBanyana

Comment on this story
Copy of NO_no matlou10 INLSA UMGADLI weBanyana Banyana uNoko Matlou uvulele elakuleli amasango amagoli ngesikhathi beshaya iZambia ngo-4-1 eLusaka ngempelasonto emdlalweni wokuhlungela i-African Women Championship. Isithombe: Etienne Rothbart

NONTUTHUKO NGUBANE

KUYABUYA ukuzethemba eqenjini lesizwe labesifazane iBanyana Banyana eselishaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni emibili.

IBanyana izibeke kwelihle ithuba lokugcina izibekisele indawo kwi-African Women Championship inenebula iZambia ngo-4-1 eLusaka ngempelasonto.

Leli qembu libukeka liyiqeda indlala yamagoli obekukhalwa ngayo phambilini.

Amagoli eBanyana aze ashaywa ngesiwombe sesibili elokuqala liqhamuke noNoko Matlou, elesibili nelokugcina ashaywa wuSanah Mollo, uNothando Vilakazi wabeka elesithathu.

Umqeqeshi weBanyana uJoseph ‘Skheshekheshe’ Mkhonza uthe konke lokhu abakwenzayo kungumphumela wokuzimisela kwabadlali nokuqonda ukubaluleka kokwenza kahle e-Afrika kuqala ngaphambi kwama-Olympics.

“Abadlali bakhombisa ukukhula emqondweni. IZambia ibingazibekile phansi isifakela ingcindezi enkulu nezihlwele zakhona bezigcwele inkundla zizobeseka. Abadlali bethu abazange bethuke, abalilahlanga ithemba emuva kokungalitholi igoli ngesiwombe sokuqala. Babuye ngamandla bashaya amagoli amane nokukhombisa ubuqhawe obukhulu,” kusho uMkhonza obesanda kufika esikhumulweni sendiza e-OR Tambo izolo ekuseni.

Cishe lo mdlalo kade ulikhuni kakhulu eqenjini laseZambia eliphoqeleke ukuba liphuthumise onozinti balo ababili esibhedlela emuva kokulimala kade bephunga abadlali beBanyana abebehlasela kanzima.

UMollo ogijima kwi-Bloemfontein Celtic uzakhela igama njengoba nakowobungani odlule neTanzania washaya amagoli amabili.

Lo mgadli uthole ukunconywa nguMkhonza nathe kumele abadlali bekhombise ukuqhubeka lapho besuke begcine khona emidlalweni edlule.

“Konke lokhu ngiyacabanga ukuthi kuyizithelo zekhempu yethu. Sihlezi sibagqugquzela abadlali ukuba bangalehlisi izinga. Uma benze kahle emdlalweni odlule kumele baphinde badlale kahle nakolandelayo. Kumele silokhu siqhubeka sishaye amagoli size siye kuma-Olympics,” kusho uMkhonza.

NgeSonto iBanyana izodlala owobungani neNigeria bese idlala umlenze wesibili wokuhlunga neZambia kuleli ngoJuni 16.

Elakuleli liqhathwe neJapan, Sweden neCanada kuma-Olympics azokuba seLondon kusukela ngoJulayi 27 kuya ku-Agasti 12.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.