NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wenkosikazi yenyanga eyaduma ngokuthi inomuthi owelapha ingculazi futhi yaziwa ngokuqhulula inhlamba eWorkshop, eThekwini, uthi ufisa sengathi inkantolo ingayinika isigwebo esinzima ngokulahlwa yicala lokubulala umkayo ngonyaka odlule.

UNkosinathi “Professor” Gumede (51) kulindeleke ukuthi agwetshwe namuhla eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngecala lokubulala unkosikazi wakhe, uNkk Lindiwe Gumede (47).

Ijaji uFikile Mokgotloa walahla uGumede ngecala eNkantolo yaseMgungundlovu ngalesi sehlakalo esenzeka eminyakeni eyisikhombisa edlule.

Icala lake lahoxiswa kuGumede kodwa labuye lavuka emuva kokuvela kobufakazi obusha obethulwa ngunogada wakhe obavela ukuthi wabulawa kanjani uNkk Gumede.

Isidumbu sikaNkk Gumede satholakala ezimobeni eGingindlovu sisontwe intamo sinenxeba lokudutshulwa.

UNkk Ntombikayise Mbhele, wakubo kamufi, uthe namanje kusenzima ukuthobeka amanxeba ngoba abakholwa nokuthi umuntu owangcwatshwa kwakunguye udadewabo.

“Sifuna athole isigwebo esinzima kakhulu umbulali. Udadewethu njengoba washona nje naye uGumede ubefanele yisigwebo esifanayo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi noma inkantolo isishilo ukuthi nguye owambulala kodwa akuvelanga ukuthi kwakunguye ngempela esamngcwaba.” kusho uNkk Mbhele.

Ngokuthola kweSolezwe ngelanga longcwabo kuthiwa uGumede wanqaba ukuba umndeni kankosikazi usondele ebhokisini, wabathembisa ukuthi bazombona emathuneni. Kuthiwa sebefika kwabe sekugqitshiwe bagcina bengakwazanga ukubona isidumbu.

“Akekho umuntu ongafuni ukwazi ukuthi isihlobo sakhe sashonaphi. Besizogculiseka ukube siyambiwa isidumbu lapho afihlwa khona sibone ukuthi nguye ngempela yini.” kusho uNkk Mbhele.

UGumede wazakhela udumo ngokuthi athi ukwazi ukwelapha ingculazi. Ngaphambi kokuboshwa ubevamise ukubonakala eWorkshop, eThekwini, empongoloza ethuka inhlamba abuye “amodelise” abesifazane benqunu kubuka abantu.

Wake waqoqa imali engu-R3 000 eWorkshop wathi kunikelelwa umculi osashona uVuyo Mokoena.