Getty Images
IPORTUGAL izobeka ithemba kuCristiano Ronaldo ukuthi ayisize idlule kuCzech Republic ezobhekana nayo kwi-quarter final ye-Euro 2012 namuhla ngo-8.45 ebusuku. Isithombe: GALLO IMAGES
MTHOKOZISI MNCUSENI
ICONSISA amathe imidlalo yama-quarter final e-Euro 2012 azoqala namuhla njengoba sekusele amazwe athathwa njengezikhondlakhondla e-Europe.
Namuhla iCzech Republic edle umhlanganiso ku-Group A iqhuthana amakhizane nePortugal elale isibili ku-Group B.
Lo mdlalo okungangatshazwa ukuthi uzodla ngokushuba nokukhanga uzoba se-Arena Gdansk, ePoland ngoLwesine ngo-8.45 ebusuku.
Ngaphandle kokubanjwa komoya ngokululama kukaThomas Rocisky ongukaputeni weCzech, kubhekwe ukuba uCristiano Ronaldo ohola iPortugal aqhubeke nefomu yakhe emangalisayo ayikhombise leli qembu likhahlelela ngaphandle iNetherlands muva nje.
Omunye umdlalo okungangatshazwa ukuthi uzothatha amehlo abantu abaningi uphakathi kweGermany, okuyiyona kuphela esakhombise indluzula ngokuyinqoba yonke imidlalo yamaqoqo, neGreece.
EzikaJoachim Loew zizotholana phezulu neGreece nje, yingoba ilale isibili ku-Group A inganikwe lutho kodwa yazidonsela amehlo nokuhlonishwa ngokuqeda iphupho leRussia ebingelinye lamazwe abethishwe ukuba adle umhlanganiso emqhudelwaneni walo nyaka.
Lo mdlalo weGermany, ebophele uMario Gomez (oseshaye amagoli amathathu) osethubeni lokugoduka nesicathulo segolide, neGreece ehlale njalo idlala ngokuhlangana uzoba seWarsaw National Stadium kusasa ngo-8.45 ebusuku.
ISpain esidlule ngembobo yenaliti sidla u-Group C sizodudulana neFrance elale isibili ku-Group D.
OweSpain neFrance uzodlalelwa eDonbass Arena, e-Ukraine ngoMgqibelo ngo-8.45 ebusuku.
I-England enqobe u-Group D ilindwe yi-Italy yona elale isibili ku-Group C emdlalweni ozoba ngeSonto e-Olympic Stadium ngo-8.45 ebusuku.
Emidlalweni yakamuva iSpain sinqobe ngo-1-0 wengcuphe kuCroatia edlale lonke ibhola kodwa yaphuma kanti i-Italy izifake kweyomkhumulajezi ngokunqoba ngo-2-0 ku-Republic of Ireland.
Selulonke uhla lwama-Quarter Final e-Euro 2012 lumi kanje:
Namuhla: Czech Republic v Portugal eWarsaw, 8.45 ebusuku
Kusasa: Germany v Greece eGdansk, 8.45 ebusuku
NgoMgqibelo: Spain v France eDonetsk, 8.45 ebusuku
NgeSonto: England v Italy eKyiv, 8.45 ebusuku
Olunye ulwazi: Euro.com
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services