ISIPHENDUKE ihlaya indaba esematheni yomphrofethi webandla iMount Zion General Assembly Church ofutha abazalwane ngesifuthi sezinambuzane iDoom.
Izithombe eziveza abazalwane baleli bandla befuthwa ngeDoom zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko zaba ngundabuzekwayo.
Umphrofethi Lethebo Rabalago (22) utshele Isolezwe ukuthi usuke ethole umyalelo ovela kuNkulunkulu ukuba afuthe abazalwane ngoba ebalapha. Izithombe ezineDoom bese zisetshenziswa ngabantu abahlukene benza ngazo ihlaya ukuthi lesi sifutho siyasiza uma uzobhala izivivinyo uvele uyithele ezincwadini.
Abanye bebethi uma ufuna ukuba muhle noma ufuna ukuphumelela iyasiza. Abanye bese beshintshe izingoma zokudumisa bezifake izinhlamvu zeDoom uma bezicula.
Usomahlaya waseThekwini, uNdumiso Seng Say Hlongwane, ufake isithombe sakhe ephethe iDoom esinombhalo othi: “sifuthe baba singamakokoroshe akho.” Lesi sithombe sisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bebesho ukuthi lesi sigameko sokusebenzisa iDoom kwalo mfundisi sifana nomdlalo ngoba siyinto engekho. Alikho icala ebelisavulelwe lo mfundisi njengoba ungekho umnyakazo osenziwe ukuba aboshwe. Kuvele ukuthi kungadingeka kuze kube khona umzalwane ozovula icala ukuze kube nomnyakazo owenziwa ngamaphoyisa nezinhlangano ezengamele amabandla.
Owezokuxhumana kwaTiger Brands abakhiqiza iDoom, uNksz Nevashnee Naicker, uthe bazwile ukuthi abantu benza umkhiqizo wabo ihlaya ezinkundleni zokuxhumana kodwa bona izwi abafuna ukulishumayela wukuthi iDoom akuyona eyokufutha abantu.
“Sizwile ukuthi abantu sebephendule ihlaya udaba lomfundisi othandazela abantu esebenzisa iDoom. Nathi simthintile lo mfundisi wasitshela ukuthi uyazi ukuthi iDoom ngeyokwenzani futhi umsebenzi wethu wukuqhubeka siyikhiqize. Sithanda ukugcizelela ukuthi iDoom akuyona eyokufutha abantu, wudaba olungelona umdlalo lolu. Kuwumsebenzi wethu njengabakhiqizi ukufundisa abantu. Bakhona abanye abangabona kuhlekisa kodwa empeleni akuyona into esingayihleka,” kusho uNksz Naicker.