Iyokhonjiswa eTanzania ifilimu eqoshwe eThekwini

Comment on this story
no uhlanga . ABALINGISI boHlanga  The Mark eqokelwe ukuba ibe yingxenye seZanzibar International Film Festival uNomfundo Dubazane, Sbonelo Sbo Da Poet Mbutho, Thuli Thuli K Khumalo nomnikazi wefilimu uMnuz Ndabaka Ngwane. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

FANELESIBONGE BENGU

IQOKELWE ukukhonjiswa embukisweni wamafilimu iZanzibar International Film Festival (Ziff) ifilimu eqoshelwe eThekwini, Uhlanga - The Mark esanda kwethulwa nokulingisa kuyo isilomo soKhozi FM, uLinda “Mr Magic” Sibiya.

Le filimu kaNdaba kaNgwane imenywe ukuba yingxenye yamafilimu azokhonjiswa uma sekuqhubeka iZiff eTanzania kusukela ngoJulayi 7 kuya kuJulayi 15.

UNdaba uthe ukuzwa lezi zindaba zokuqokwa kwabo kulandele abebesanda kuzithola zokuthi ifilimu ikhethwe izobukiswa ku-Durban International Film Festival yona ezoba ngoJulayi 19 kuya kuJulayi 29.

Uthe kuyizindaba ezimnandi ukuqokwa kwabo.

“Ifilimu izothola ukunakwa umhlaba wonke kusukela kwabezindaba, abasabalalisi, abadidiyeli nabathengi. Leli futhi yithuba lokuthi iqembu lami lihlangane nabantu abanemiqondo efana neyabo kanjalo nabalandeli babo ngenhloso yokuthola ukwesekwa nokuba nezingxoxo ezikhulisa ngokomqondo.

“Ifilimu yethu izoba nethuba lokukhombisa ngezinga lethalente lokulingisa, ukuhleleka nanokuxoxa indaba,” kusho uNdaba.

Uqhube wathi akangabazi nakancane ukuthi Uhlanga luzokwenza iNingizimu Afrika iziqhenye ngalo.

Kule filimu kulingisa phambili kuyo uSbonelo Mbutho oyimbongi odume ngoSbo Da Poet, Nokuthula “Thuli K” Khumalo noNomfundo Dubazane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.