Advertisement
X

Iyokhonjiswa eTanzania ifilimu eqoshwe eThekwini

FANELESIBONGE BENGU

IQOKELWE ukukhonjiswa embukisweni wamafilimu iZanzibar International Film Festival (Ziff) ifilimu eqoshelwe eThekwini, Uhlanga - The Mark esanda kwethulwa nokulingisa kuyo isilomo soKhozi FM, uLinda “Mr Magic” Sibiya.

ABALINGISI boHlanga The Mark eqokelwe ukuba ibe yingxenye seZanzibar International Film Festival uNomfundo Dubazane, Sbonelo Sbo Da Poet Mbutho, Thuli Thuli K Khumalo nomnikazi wefilimu uMnuz Ndabaka Ngwane.Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

Le filimu kaNdaba kaNgwane imenywe ukuba yingxenye yamafilimu azokhonjiswa uma sekuqhubeka iZiff eTanzania kusukela ngoJulayi 7 kuya kuJulayi 15.

UNdaba uthe ukuzwa lezi zindaba zokuqokwa kwabo kulandele abebesanda kuzithola zokuthi ifilimu ikhethwe izobukiswa ku-Durban International Film Festival yona ezoba ngoJulayi 19 kuya kuJulayi 29.

Uthe kuyizindaba ezimnandi ukuqokwa kwabo.

“Ifilimu izothola ukunakwa umhlaba wonke kusukela kwabezindaba, abasabalalisi, abadidiyeli nabathengi. Leli futhi yithuba lokuthi iqembu lami lihlangane nabantu abanemiqondo efana neyabo kanjalo nabalandeli babo ngenhloso yokuthola ukwesekwa nokuba nezingxoxo ezikhulisa ngokomqondo.

“Ifilimu yethu izoba nethuba lokukhombisa ngezinga lethalente lokulingisa, ukuhleleka nanokuxoxa indaba,” kusho uNdaba.

Uqhube wathi akangabazi nakancane ukuthi Uhlanga luzokwenza iNingizimu Afrika iziqhenye ngalo.

Kule filimu kulingisa phambili kuyo uSbonelo Mbutho oyimbongi odume ngoSbo Da Poet, Nokuthula “Thuli K” Khumalo noNomfundo Dubazane.

SHOW ALL
Advertisement