Iza nobuchwepheshe besimanje i-Coupe

Comment on this story
no cc story3

IMOTO: Volkswagen CC

IVOLKSWAGEN CC Coupe yethulwa kuleli eminyakeni emithathu edlule futhi kubonakala ukuthi abalenzanga iphutha kwaVolkswagen ngayo. Le Coupe ephuma nezicabha ezine yazakhela igama zisuka nje lokho kwabonakala ngokuthi izuze indondo ye ‘iF Product Design Award’ ne ‘Red Dot Design Award’ ngo-2009.

Nakuba kungeyona imoto entsha, kodwa ungalenzi iphutha ucabange ukuthi kwaVW abazenzanga izinguquko kule CC.

Ingaphambili nengemuva layo lihlelwe kabusha kodwa naphezu kwalokho uyibona uza le kude ukuthi iphuma emndenini wakwa- Volkswagen.

Into eqapheleka kuqala uma uyibheka wukuthi i-grille igqize nge chrome, kanye namalambu ama-bi-xenon akwazi ukujika nemoto uma ihamba emakhoneni kanti nebhuthi sebeyenze kabusha.

Uma uyiqhathanisa nendala uzoqaphela ukuthi obhampa bathe ukushintsha njengoba sebegqize ngombala ofana nowemoto.

no cc story

Izicabha zayo ezingenayo iframe abazange bazishintshe, kodwa imoto yonke isibukeka ngendlela ehlukile ezinhlangothini.

Okunye abakushintshile amalambu angemuva nawo asehambisana neLED okwenza ahlale isikhathi eside.

Indlela ehlukile abukeka ngayo la malambu enza i-CC ukwazi nokuyibona kahle ngisho nasebusuku.

Ama-indicators sebewathe chwa ezibukweni, ezinhlangothini okungenye yezindlela ezihambisana nezokuphepha.

Ubude bale moto bungu-4,802 mm bese kuthi ukuya phezulu kube ngu-1,417 mm. Kwa- Volkswagen abagcinanga nje ngokubhekelela ingaphandle kuphela kodwa nangaphakathi bazinike isikhathi beyihlela. Selokhu yethulwa itholakala nezihlalo zohlobo lwe-ergonomic sport ezakhiwe ngendlela yokuthi abagibeli bangasheshi ukuzwela ukukhathala uma behamba ibanga elide ngemoto.

Ungakwazi ukuthola ama-sport seats ahambisana ne-climate control kodwa atholakala kuphela kwi V6 FSI. Uma i-seat climate iqala ukusebenza, kuba khona umoya opholisayo oza uqhamuka ngaphansi

no cc story1

Ngemuva ikwazi ukuhlala abantu abathathu. Uma uyibheka ngaphandle ibonakala iqoqene yaba ncanyana kodwa uma usungena ngaphakathi inesikhala esikhulu. Iphuma ne-panoramic sunroof, okhakhayini evuleka ize iyoshaya emuva ukwazi ukubuka isibhakabhaka ube ushayela.

Phakathi ku-dashboard kunezindawo ezimbili zokubeka izimpahla zakho okuyinto entsha. Enye into entsha kule moto iClimatronic control. Okunye okutholakala okokuqala asebekwenze ngcono amawindi akwazi ukubamba umsindo kanye neFatigue detection okuwubuchwepheshe obukwazi ukuhlola isimo sokukhathala kumshayeli.

Enye into ehambisana nobuchwepheshe besimanje kule CC i-towbar yakhona esebenza ngogesi. ngokuciphiza nje ibhathini i-towbar iyaziphumela.

Ziningi ezinye izinto ezitholakala kule moto eziphuma nayo njengamasondo angu-17 inch aphuma nerimu lakhona, izihlalo ezingama sport seats, i-‘Auto-hold’ function, ne Hill start assistant, LED rear lights, LED licence plate illumination, fatigue detection system, ubuchwepheshe bokuhlola umoya emasondweni kanye nomsakazo odlala ama CD nezipikha eziyisithupha.

IZINTO ONGAZENGEZA KWI CC

· Electric panoramic sunroof

no cc story2

· Keyless entry with sensor controlled luggage compartment (standard on V6 FSI)

· Electric sunscreen rear window

· Towbar

· DynAudio Sound System

· Satellite Navigation System

· Mobile Device Interface Media-In with iPod/IPhone adapter cable

· Bluetooth cellphone preparation

· Bluetooth premium package including voice control, remote sim access profile

· High beam control light control

· Rear Assist Rearview camera

· Front seat with electric 12-way adjustment and lumbar support including massage function

Ihlukene ngezinhlobo zezinjini kukhona ezimbili ezisebenzisa upetrol kanye neyodwa kadizili. Lezi zinjini zika petrol kukhona kuzo ezingu 2.0 TSI ezikhiqiza amandla afinyelela ku 155kW kanyer ne torque engu 280Nm.

Ngebanga elingu 100km le njini isebenzisa upetrol ongu 7.3 litres. Ijubane layo eliphezulu ligcina ku 242 km/h.

Injini yokugcina ngobukhulu namandla ingu 3.6 FSI V6 yona enamandla angu 220kW ne torque engu 350Nm. Njengoba idle ngamandla kanjalo naku petrol iyacaphuna ngoba ngebanga elingu 100km isebenzisa amalitha angu 9.3 ka petrol. Ijubane layo eliphezulu ligcina ku 250 km

IVolkswagen CC V6 iphuma ne 4MOTION permanent all-wheel drive esiza ekongeni upetrol.

AMANANI

2.0 TDI DSG (125kW) R373 800

2.0 TSI DSG (155kW) R395 950

3.6 V6 FSI 4Motion DSG (220kW) R469 405

IVolkswagen CC iphuma ne AutoMotion Maintenance Plan yeminyaka emihlanu emuva kuka 100 000km, kanye ne warranty yeminyaka emithathu emuva kuka 120 000km.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.