FANELESIBONGE BENGU
UKUNGADAYISI kahle kwe-albhamu yabo yokuqala kuphoqe iqembu lomculo iShakes noSingil ukuthi liqhamuke namasu okuzakhela abalandeli ngaphambi kokuthi likhiphe enye njengoba elinye ilungu selingumlingisi, elinye lingumsakazi.
IShakes noSingil, yiqembu elihlanganiswe yizelamani zaseMnambithi uShakes Ngema noSingil Ngema. NgoLwesithathu uSingil uvele emdlalweni waku-SABC 1, i Generations: The Legacy edlala indawo ka-Oupa. Phambilini uke wabonakala kowaku-SABC 3, Isidingo.
UShakes yena ubengumsakazi weNqubeko FM yaseMnambithi ngaphambi kokuyishiya abuyele eRichard’s Bay lapho ezinze khona. Njengamanje usazama ukungena komunye umsakazo.
“Ngo-2013 sakhipha i-albhamu i Galawela Growing for Generations, engenzanga neze kahle. Sahlala phansi sabuka ukuthi konakalephi, sathola ukuthi kungenzeka ukuthi abantu babengakasazi kahle. Sithathe isinqumo sokuthi sisebenzise amanye amathalente ukuze sizakhele abalandeli kuthi uma sesihlangana ngokomculo sibe nesibalo esikhulu sabalandeli,” kusho uShakes.
USingil uthe unyaka wonke uwubekele ukuthi angene agxile ekulingisini bese kuyima encelisa amawele abuyele nasemculweni. “Umculo kodwa akuyona into enzima ngoba ngingalala ngiphuphe ingoma bese siyaqopha ekuseni. Kodwa okwamanje ngisafuna ukugxila ekulingiseni ngoba ngisathola izindawo ezincane engizilingisayo. Ngilwela ukuthi ngithole ezinkulu, mhlawumbe kuGenerations banginikeze indawo ezodlala isikhathi eside ngoba basangithinta uma bengidinga. Ngiyaphusha ngoba izinto ezinje azilula,” kusho uSingil, obonge kakhulu ithuba alithole ku Generations: The Legacy.
Uthe ulungiselela ukuya kunhlolokhono yokudlala efilimini enkulu ezoqoshwa kuleli maduze.
“Bafuna ngiligunde isingili kodwa sizobona ukuthi kwenzekani ngoba ngiyalithanda. Enye into engiyihlelayo wukuyofunda phesheya ukulingisa e-USA unyaka wonke ngonyaka ozayo,” kusho uSingil.