PHUMLILE NTSELE
ZISATHUKA izanya izelamani ezikhubazekile uma zichaza ngokuzehlele ngeledlule zisinda sekuvalwe amehlo izinja zizama ukuzinephuza ngesikhathi zitotobela esikhungweni sempesheni kule ndawo.
UNksz Ntombifuthi Mkhithi (47) okhuluphele ngokweqile futhi onesifo sokuwa nomfowabo uMnuz Anele Mkhithi (22) baseziNqoleni yena oseyinto yombhede ngenxa yokuthi umzimba wakhe ukhonkobele nomgogodla kawusebenzi, babonga izingane zesikole ezibaphungele izinja zinabo shaqa.
UNksz Mkhithi uthe: “Sinomfowethu sikhubazekile, asikwazi ukuzenzela lutho. Ngokujwayelekile umama uyasikhapha futhi nguye osenzela konke nasekhaya kodwa kulokhu sithe asimphumuze ngoba kwayena usexhwalile.”
Kuvela ukuthi izinja ezisolwayo kazaziwa endaweni kodwa kwakubonakala sengathi ngezokuzingela ngoba zinyamalale zangabonakala.
UNksz Mkhithi uthi inkinga yakhe usindwa wumzimba futhi unesifo sokuwa kodwa nokho uyazama ukuzenzela izinto.
Uthe akazi kahle ukuthi isimo sokuvuvukala komzimba sasuswa yini kodwa odokotela bamtshela ukuthi ngamanzi ame ngaphansi kwenhliziyo amdalela khona.
Uthi ugqigqa isibhedlela eyodonswa la manzi nokumshiya ekhathele eqaqanjelwa nayiqolo.
Nomfowabo unesimo sokugoqana komzimba osegcine ngokonda waba yinkubela. Lesi sifo saqala ngemuva kokuthi esakhula wamane wavuvukalelwa yikhanda esibhedlela bamfaka okuthile kokudonsa amanzi ekhanda okwafakwa emgogodleni, kwaqala izinkinga.
Unina walezi zelamani, uNkk Irene Mkhithi (67) ubevele achiphize izinyembezi abuye abheke phansi kucace ukuthi lesi simo simumi ngenhla.
“Angazi ngingaqala kuphi mntanami njengoba nawe uyasibona isimo. Kwamina sengaze ngaklunyuka iqolo ngenxa yokuthwala lezi zingane zami ezinjena. Kwesinye isikhathi nami akuvumi nhlobo umzimba ubuhlungu unkenketha ngigcine ngingabanakekelanga,” kuzikhalela yena.
Uthi isifiso sakhe wukuthi lezi zingane zakhe zakhelwe indlu yomxhaso enezinsiza ezilungele abakhubazekile njengethoyilethi elishaywayo, amakhabethe amafishane nokunye.
Lo mndeni uthi izihlalo ezinamasondo ngeke zisize ngalutho ngenxa yokuthi bobabili kabangeni kuzona ngenxa yesimo sokukhubazeka kwabo.
Okhulumela uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Vukani Mbhele, ucele ukuthunyelelwa imininingwane yomndeni.
“Sizocela usixhumanise nalo mndeni ukuze osonhlalakahle bethu bezoya kobheka isimo uma kukhona isidingo esiphuthumayo sokuba bayohlaliswa ezikhungweni zethu ezigcina abasezimeni ezifuze lezi basizakale. Kuyothi uma kubonakala isidingo sokuthi bakhelwe sixhumane nezinhlaka ezifanele bakhelwe,” kusho uMbhele.