Izethenjwa zikhale ngaphansi kuComrades

Comment on this story
NO comrades5 INLSA LIYISHAYE kanje intambo iwele elingu-Elena Nurgalieva odle umhlanganiso kuComrades kwabezifazane

NONTUTHUKO NGUBANE

EseSahara Kingsmead Stadium

BAKHALE ngaphansi abebeyizimfivilithi kuComrades Marathon ka-2012 kwanqoba umsubathi waseNingizimu Afrika emuva kweminyaka eyisikhombisa kwagcina ukunqoba owakuleli.

Kugiye abasubathi abebengabhekiwe kulo mjaho oqale eMgungundlovu waphela eSahara Kingsmead Stadium, eThekwini, izolo.

Ubunesasasa elikhulu lo mjaho kwazise bekubhekwe ukuba kuphulwe inqwaba yamarekhodi kodwa kwangenzeka.

ULudwick Mamabolo waseLimpopo ukhombise ubuqhawe ephuca uStephen Muzhingi isicoco eshaya isikhathi esingu-05:31:03.

NO comrades4~1 UQEDE ishobolo leminyaka kubasubathi baseNingizimu Afrika, u Ludwick Mamabolo othathwe nomkakhe u Lerato, ejabulela ukuwina i Comrades Marathon ka-2012 ebisuka eMgungundlovu ibheke eThekwini izolo. Bese kuphele iminyaka eyisikhombisa umgijimi wakuleli agcina ukunqoba lo mjaho njengoba bekukhonya abangaphandle INLSA

UBongumusa Mthembu waKwaZulu-Natal naye umangaze abaningi engena endaweni yesibili (05:32:42).

Ukuphuma indawo yesithupha kukaMuzhingi kumangaze abaningi kwazise ubethwelwe ngeqoma njengoba ebekubeke kwacaca ukuthi uzokwenza isikhathi esingcono kunaleso sangaphambilini nobekubhekwe ukuba abe ngumuntu wokuqala ukuwina iTwo Oceans Marathon neComrades ngonyaka owodwa.

Ukudla umhlanganiso kobengabhekiwe kushiye izethenjwa zincela izithupha, uGert Thys noLeonid Shvetsov, abaphethe amarekhodi, bebenze izithembiso eziningi kodwa bahluleka bancama ukuzifeza.

Kusuka ekuqaleni kwalo mjaho kucacile ukuthi uMamabolo uzokwenza ezibukwayo. Ubelokhu emxine njalo uMuzhingi behambisana noClaude Moshiywa abebeziqeqesha naye.

Isimo sithande ukushuba eCamperdown, bengamnike thuba uMuzhingi nokwenze watheneka amandla.

Kubonakale ukukhathazeka kwakhe (Muzhingi) ngesikhathi elokhu ejeqeza iwashi, lezi zinsizwa zingamnike thuba.

Copy of NO comrades1~1 ULUDWICK Mamabolo ophume phambili kuComrades Marathon eThekwini izolo INLSA

UMthembu ozitholele u-R15 000 ngokuba owokuqala waseKZN ukushaya intambo naye ubengazibekile phansi, egijima ngejubane elilodwa waze waqeda umjaho.

UMuzhingi engxoxweni ekhethelekile neSolezwe uyivumile induku kodwa wacasha ngesithupha ekhala ngeTwo Oceans athe yiyona emqede amandla.

“Bekungelona usuku lwami. Ngizamile ukuphikelela kodwa umzimba wanqaba. Imilenze yami ibikhathele kakhulu. I-Two Oceans iqede wonke amandla ebenginawo,” kusho yena emuva kwalo mjaho nashaye isikhathi esingu-05:38:20.

Kwagcina ngoSipho Ngomane ukudla umhlanganiso kulo mjaho ngo-2005 nokwenze kwaqopheka umlando omusha ukungena kukaMamabolo phambili.

Kwabesifazane u-Elena Nurgalieva uphinde adume ngazo ebashaya bonke emakhanda abesifazne. Leli wele ebeligijima ngaphandle kukadadewabo lishaye isikhathi esingu-06:07:16.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.