INTATHELI YEZEZIMOTO

IZETHENJWA zakwa-Toyota ezimele iCastrol Team Toyota okunguDuncan Vos nozakwabo u-Anthony Taylor abahamba nge- Toyota Hilux iveni baqede umjaho i-31st Toyota Kalahari Botswana 1000 Desert Race beshayela phezulu njengoba bephume endaweni yokuqala. Lona bese kungumjaho wesine ka Vos othathwa njengonzima wasogwadule.

Uma kubhekwa ukuphumelela kukaVos emijahweni lona bese kungowesithathu ewuphumelela ehamba nge-Castrol Toyota Hilux .

Ngonyaka odlule u-Anthony Taylor owayehambisana noChris Birkin baqeda endaweni yesibili emjahweni iToyota Desert Race.

UHugo de Bruyn noHenri Hugo abahamba nge-Toyota Hilux baqede endaweni yesihlanu kwase kuthi esigabeni se-SP Class sekuhlanganiswa kwangena uVos/Howie noTaylor/Birkin okusho ukuthi izimoto zakwa- Toyota zigcine ngokudla umhlanganiso.