Izidlele amahlanga i-Easy Walkers

Comment on this story
no Scathamiya7 INLSA UNOH Khumalo (ophakathi) odle umhlanganiso konobuhle kaCothoza Music Experience obuse-Exhibition Centre enoMantombi Ndaba olale isibili noCebisile Miya olale isithathu

THOKOZANI NDLOVU

KUHLOKOME indlu kwakhala amakhwela iqembu eselimnkantshubomvu esicathamiyeni, i-Easy Walkers likhala lemuka nomklomelo kuCothoza Music Expirience e-Exhibition Centre, eThekwini, ngoMgqibelo.

Leli qembu elazakhela udumo ngengoma ethi Vela Mfowethu, ngeminyaka yawo-1980 lilandelwe yiqembu uHlelo Olusha. UMzumbe Loverboys nawo obungazibekile phansi, uphume isithathu.

Oswenka bebengeke basale ngaphandle njengoba bebengu-12 bebonke abebengenele lo mqhudelwano bechoma ngamasudi abo kanokusho.

Bekudlana imilala abaseGoli nabakwaZulu-Natal, umhlanganiso wadliwa nguSiphosethu Ngobese walandelwa ngu-Adolphius Mbuyazi ophume kwathi uVusi Kunene walala isithathu.

Konobuhle abayisithupha abebebukisa ngemisiko yabo kuphume phambili uNoh Khumalo, walandelwa uMantombi Ndaba kwagcina uCebisile Miya olale isithathu.

no Scathamiya IQEMBU i-Easy Walkers elidle umhlanganiso emqhudalwaneni wesicathamiya obuse-Exhibition Centre INLSA

Okuqaphelekile ukuthi wonke amaqembu abezimisele kakhulu futhi enomfutho, iningi lawo ligxile kakhulu ekuculeni ngengculazi.

Yize iNdwendwe Lovers ingawinanga kulokhu kodwa ihlabe abaningi umxhwele ingena esiteji iphethe iphephandaba Isolezwe maqede yacula ngazo zonke izindaba ezisematheni ezisanda kushicilelwa kulo.

Lize laphatha ngisho nesibhicongo sokudutshulwa kwabasebenzi basemayini eMarikana, likhuza umhlola.

Ngaleso sikhathi beliphakamisele leli phephandaba phezulu, abantu bebebuzana bodwa ukuthi liyisungule nini le ngoma njengoba lesi sibhicongo sisanda kwenzeka.

Kuphinde kwaba nomzuzu wokuthula kuhlonishwa uSolomon Linda osekuphele iminyaka engu-50 ashona nowasungula ingoma eyaduma umhlaba wonke ethi Imbube, kwaphinde kwafundwa nomlando wakhe.

Ngemuva kwalokho kudlalwe ingoma yakhe lapho yayiculwa khona nguyena uqobo njengoba yagcina isiculwa ngabantu abaningi.

no Scathamiya3 ABEBEPHETHE uhlelo kuCothoza Music Experience obuse-Exhibition Centre uZimdollar woKhozi FM noBGK Mbuyazi we-Vibe FM INLSA

Abebephethe uhlelo bekungumsakazi woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela osakaza ucothoza kulo msakazo, ebambisene noBGK Mbuyazi osakaza uhlelo lukacothoza kwi-Vibe FM.

Lo mqhudelwano bekungo-kokuqala wenzeka kodwa uzoba khona minyaka yonke.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.