CLOSE X
Advertisement

Izidlele amahlanga i-Easy Walkers

Isolezwe

THOKOZANI NDLOVU

Share this story
U NOH Khumalo (ophakathi) odle umhlanganiso konobuhle ka Cothoza Music Experience obuse- Exhibition Centre eno Mantombi Ndaba olale isibili no Cebisile Miya olale isithathuIQEMBU i-Easy Walkers elidle umhlanganiso emqhudalwaneni wesicathamiya obuse-Exhibition Centre
Isithombe:THOKOZANI NDLOVUABEBEPHETHO uhlelo ku Cothoza Music Experience obuse-Exhibition Centre u Zimdollar wo Khozi FM no BGK Mbuyazi we- Vibe FMUMZUMBE Loverboys elilale isithathu emqhudalwaneni wesicathamiya obuse-Exhibition Centre
Isithombe:THOKOZANI NDLOVUU SIPHOSETHU Ngobese (ophakathi) odle umhlanganiso koswenka ku Cothoza Music Experience e- Exhibition Centre emi no- Adolphius Mbuyazi ophume isibili no Vusi Kunene ophume isithathuU SIPHOSETHU Ngobese odle umhlanganiso koswenka ku Cothoza Music Experience obuse- Exhibition Centre

KUHLOKOME indlu kwakhala amakhwela iqembu eselimnkantshubomvu esicathamiyeni, i-Easy Walkers likhala lemuka nomklomelo kuCothoza Music Expirience e-Exhibition Centre, eThekwini, ngoMgqibelo.

Leli qembu elazakhela udumo ngengoma ethi Vela Mfowethu, ngeminyaka yawo-1980 lilandelwe yiqembu uHlelo Olusha. UMzumbe Loverboys nawo obungazibekile phansi, uphume isithathu.

Oswenka bebengeke basale ngaphandle njengoba bebengu-12 bebonke abebengenele lo mqhudelwano bechoma ngamasudi abo kanokusho.

Bekudlana imilala abaseGoli nabakwaZulu-Natal, umhlanganiso wadliwa nguSiphosethu Ngobese walandelwa ngu-Adolphius Mbuyazi ophume kwathi uVusi Kunene walala isithathu.

Konobuhle abayisithupha abebebukisa ngemisiko yabo kuphume phambili uNoh Khumalo, walandelwa uMantombi Ndaba kwagcina uCebisile Miya olale isithathu.

Okuqaphelekile ukuthi wonke amaqembu abezimisele kakhulu futhi enomfutho, iningi lawo ligxile kakhulu ekuculeni ngengculazi.

Yize iNdwendwe Lovers ingawinanga kulokhu kodwa ihlabe abaningi umxhwele ingena esiteji iphethe iphephandaba Isolezwe maqede yacula ngazo zonke izindaba ezisematheni ezisanda kushicilelwa kulo.

Lize laphatha ngisho nesibhicongo sokudutshulwa kwabasebenzi basemayini eMarikana, likhuza umhlola.

Ngaleso sikhathi beliphakamisele leli phephandaba phezulu, abantu bebebuzana bodwa ukuthi liyisungule nini le ngoma njengoba lesi sibhicongo sisanda kwenzeka.

Kuphinde kwaba nomzuzu wokuthula kuhlonishwa uSolomon Linda osekuphele iminyaka engu-50 ashona nowasungula ingoma eyaduma umhlaba wonke ethi Imbube, kwaphinde kwafundwa nomlando wakhe.

Ngemuva kwalokho kudlalwe ingoma yakhe lapho yayiculwa khona nguyena uqobo njengoba yagcina isiculwa ngabantu abaningi.

Abebephethe uhlelo bekungumsakazi woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela osakaza ucothoza kulo msakazo, ebambisene noBGK Mbuyazi osakaza uhlelo lukacothoza kwi-Vibe FM.

Lo mqhudelwano bekungo-kokuqala wenzeka kodwa uzoba khona minyaka yonke.

Share this story
Advertisement
X