supplied
Wadutshulwa ecashe emgqomeni uMnuz Boyzie Mkhize amaphoyisa athi wayewadubula enabangani bakhe, nawo abe eseyabadubula bashona ngoJulayi nyakenye
BAWINILE NGCOBO
BEKUNESIKHALO esikhulu sivela emindenini yabasuke bedutshulwe amaphoyisa akwaKito njengoba kulezi zehlakalo bekuke kubikwe ukuthi umsolwa uqale wakhipha isibhamu wazama ukuwadubula amthela othulini.
Kunenqwaba yamacala abephenywa wuphiko oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigating Directorate (IPID) abethinta lolu phiko.
Phakathi kwamacala ake aphenywa kubalwa elikaKwazi Ndlovu waseMpangeni odutshulwe ngo-Mashi 2010.
UKwazi owayenemiyaka engu-15 ngesikhathi ebulawa, wayelele kusofa emuva kokubuka umdlalo weBafana Bafana. Esethelwe othulini, amaphoyisa athi wayezama ukuwadubula abe eseyazivikela.
Umndeni kaKwazi wathi wayengenaso isibhamu ezifundela isikole, wafunga wagomela ukuthi uzolwa kuze kube sekugcineni ukuze kube nobulungiswa ngokubulawa kwendodana yawo.
Ngo-2010, amaphoyisa akwaKito aphinde athola ukugxekwa ngokubulawa kukazakwabo uConstable Thandanani Dube.
UDube wayevalelwe esitokisini ngecala lokubulala emuva kokuthi kuboshwe umzala wakhe uMnuz Sakhile Dladla owazivumela ukuthi waqashwa nguye uDube ukuthi abulale uLt-Colonel Francis Pillay ngoMeyi 2010.
UDladla wagwetshwa iminyaka engu-24. Ngosuku abulawa ngalo uDube walandwa ngamaphoyisa akwaKito esiteshini samaphoyisa eSydenham aya naye emahhovisi awo lapho kuthiwa wazama ukuphuca elinye isibhamu limphelezela eya endlini encane.
Amaphoyisa athi nawo adubula washonela khona lapho. Umndeni kaDube awanalesikanga ngale ncazelo uyise wathi kungcono ukuthi uthole ithuba lokuya eNkantolo agwetshwe uma enecala.
NgoJulayi nyakenye, lolu phiko lwabalwa esehlakalweni sokudubula okwashona kusona usomatekisi waseThekwini, uMnuz Sibusiso Boysie Mkhize nabangani bakhe oMnuz Dumi Mgobhozi noMnuz Jabulani Bhengu.
Kulesi sigameko amaphoyisa athi uBoysie nabangani bakhe babebambe inkunzi eGateway babaleka bagcina eMhlanga lapho bazama khona ukudubula amaphoyisa abathela othulini.
Umndeni wakhe wakuphikisa lokhu wathi wahlaselwa engahlomile ezihlalele ekhaya nomngani nezingane zakhe.
NgoSepthemba nyakenye la maphoyisa asolwa ngokudubula uSihlalo we-ANC eMabuyeni Reserve eSkhawini, uMnuz Qinisani Gwala.
UGwala waboshwa ngecala lokubulawa kwephoyisa uCaptain Kevin Marallich, wacela ukuthi ayolanda umazisi wakhe ekhaya.
Amaphoyisa athi uGwala wakhipha isibhamu wadubula ebhekise kuwona nawo abuyisela ngenhlamvu. Umndeni wakhe wasala unemibuzo ngalokhu uxakwa wukuthi wayengadubula kanjani izandla zakhe ziboshiwe.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services