Izihlabani zowokholo zizovangela kubathandi bomculo eJesus Dome

Comment on this story
NO_hlkeengiweer0 INLSA UHLENGIWE Mhlaba uzokube ejabulisa abantu eJesus Dome namhlanje ebusuku

SIZWE BLOSE

KUZOKUBE kuqhuma u-Amen, kubabazwa amandla kaNkulunkulu eJesus Dome Durban Christian Centre namhlanje ebusuku njengoba kuzoba nedili lomculo wokholo i-Gospel In You.

Le ndumezulu yomcimbi osematheni kulezi zinsuku kubathandi bomculo wokholo uzoqala ngo-7.30 kusihlwa.

UWanita Ngcobo, ongumhleli walo mcimbi, uthe amathikithi asatholakala kuma-computickets. abantu abawathenge khona ukuze bangabi nankinga yokujoyina olayini balabo abazobe sebewathenga emnyango.

“Kuzokwenza impilo yakho ibe lula kakhulu ukulithenga e-computickets. sicela nabantu abanezingubo abangasazisebenzisi beze nazo ngoba sifuna ukuyonikela ngazo kulabo abazidingayo,” kusho uWanita.

Uthe njengoba manje sekungene ubusika, amakhaza ashubisa umnkantsha yingakho bebone kufanele ukuthi bacele abantu abazohambela lo mcimbi ukuthi belule isandla ngokuthi beze nezingubo abangasazisebenzisi ukuze kufudunyezwe nalabo abangenazo.

NO_ssffiso0 USIFISO Ncwane naye uzobe ekhona eJesus Dome kulo mcimbi INLSA

Uthe lo mcimbi ubophele abaculi abathandwa kakhulu ngabathandi bomculo wokholo.

UWanita unxuse abantu ukuthi abafike bazozibonela uHlengiwe Mhlaba, Sfiso Ncwane, Lusanda Spiritual Group, Thabile Myeni noVeliswa Myeni.

Amathikithi alo mcimbi asukela ku-R150, kube khona elika-R200 kugcine ngelika-R300.

Isolezwe linamathikithi awu-10 ahamba ngamabili elizowapha abantu abazothumela nge-sms igama elithi “gospel” kule nombolo: 33963 namuhla kuphela.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.