Izikhalo oJub Jub begwetshwa engu-25

Comment on this story
no Tshabalala-jubjub000 . UMOLEMO Jub Jub Maarohanye naboshwe naye uThemba Tshabalala bebeme ebhokisini belalele isinqumo secala labo eNkantolo yeMantshi yaseProtea eGoli izolo. Bagwetshwe iminyaka engu-27 bebhadla ejele. Isithombe: BOXER NGWENYA

INTATHELI YESOLEZWE

BAGWETSHWE iminyaka engu-27 bebhadla ejele oMolemo “Jub Jub” Maarohanye nalowo abebekwe naye icala lokubulala uThemba Tshabalala eNkantolo yeMantshi yaseProtea.

Yethula isigwebo iMantshi, uMnuz Brian Nemavhidi, ithe akekho umuntu osile obengaba nozwelo ngokwenziwa ngababoshwa.

“Enakwenza kukhombisa ukuthi aninandaba nhlobo nemithetho yomgwaqo. Akekho umuntu ongaba nozwelo kini ngoba nazidalela nina utalatiya,” kusho uNemavhidi.

Le nkantolo igwebe laba iminyaka engu-20 ngamacala okubulala, iminyaka emine ngecala lokuzama ukubulala, unyaka owodwa ngecala lokubekelelana ngezimoto, unyaka ngecala lokushayela budedengu nowodwa kwelokusebenzisa izidakamizwa.

“Nobabili noma-ke ngamunye nasebenzisa izidakamizwa maqede nayogijima emgwaqweni womphakathi ngezimoto budedengu,” kuqhuba uNemavhidi.

Uthe ngenxa yalokhu ababoshwa bazwise umphakathi ubuhlungu futhi badala ukuthi kuchitheke eningi imali.

Uthe ngeke akwazi ukucisha lokho osekwenzekile kodwa wagcizelela ukuthi wayengaqondile ukwenza ingozi. Imindeni yabashonelwa ibihleli inomunyu enkantolo kanti unina womunye wabashona ukhihle isililo phakathi enkantolo ngemuva kokuphuma kwesigwebo. Ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo uMaarohanye unikezwe ithuba lokuzikhulumela.

“Umuzwa wokuba necala ubulokhu ungidla ngaso sonke isikhathi,” kusho uMaarohanye.

Utshele inkantolo ukuthi akugcini nje ngokuthi akhumbule okwenzeka ngaleliya langa kodwa novalo luhlala lumkhungethe.

Kule ngozi kwashona abafundi abane okungoPrince Mohube, Mlungisi Cwayi, Andile Mthombeni noPhomello Masemola. Abanye ababili nguFrank Mlambo noFumani Mushwana balimala kanzima.

UMaarohanye noTshabalala batholakale benecala ngo-Okthoba. Benza ingozi bencintisana ngejubane ngamaMini Cooper eProtea Glen, eSoweto ngoMashi 8, 2010. Babekade besebenzise izidakamizwa notshwala ngelanga lesigameko.

Ezikhulumela uMaarohanye uthe ubenesifiso sokuxolisa emindenini yabashona kodwa kwasho khona ukuthi ithuba akazange alinikwe ngoba uyazi ukuthi wabadalela ubuhlungu obesabekayo.

Ebuzwa ngummeli wakhe ukuthi kunjani ukuba sejele uMaarohanye uthe: “Kunzima. Angazi ngingachaza ngithini ngengibhekene nakho lapha phakathi.”

Bobabili uMaarohanye noTshabalala babhadle ngaphakathi ejele kanti ngesikhathi sokuloba izolo bekungakacaci noma bazosedlulisa yini isinqumo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.