INLSA
Lt-General Richard Mdluli
OWAYEYINHLOKO yezobunhloli, uLt-General Richard Mdluli usemisiwe ngokusemthethweni emaphoyiseni.
Okhulumela ihhovisi lebamba likaKhomishana wamaphoyisa kuleli, uMnuz Lindela Mashigo, izolo uthe uKhomishana uNhlanhla Mkhwanazi usekhiphe incwadi emisa uMdluli.
UMashigo uthe ukumiswa kwakhe kuhlobene nezinsolo ezivumbuke ecaleni lokubulawa kuka-Oupa Ramogibe ngo-1999 owayengumyeni kalowo owayeke wathandana noMdluli.
Nyakenye uMdluli ubebhekene namacala enkohlakalo ngokusebenzisa budedengu izimali zesikhwama sobunhloli, ukuthenga izimoto zikanokusho nokuqasha amalungu omndeni.
Wamiswa kodwa abuye ahoxiswa amacala wabuyiselwa njengenhloko yezobunhloli ngoMashi kulo nyaka.
UNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Nathi Mthethwa, wamemezela ngoMeyi 9 ukuthi uzosuswa kwezobunhloli ayiswe kolunye uphiko ehhovisi lePhini likaKhomishana uFannie Masemola.
Lt-General Richard Mdluli
Gallo Images
UMashigo uthe uKhomishana uthathe isinqumo sokumisa uMdluli ngoba kunezinsolo eziqinile eziqhamukile ngaye.
“Akakwenzanga lokhu ngoba kukhona ingcindezi abhekene nayo. Usezikhiphile izincwadi zokummisa benoGeneral Solly Lazarus.”
ULazarus wayeyinhloko yezimali kwezobunhloli.
UMashigo uthe uMdluli unikwe izinsuku eziyisikhombisa zokuthi achaze ukuthi kungani engamele ukuthi amiswe kodwa wahluleka ukuphendula.
Izolo inhlangano i-African Christian Democratic Party isishayele ihlombe isinyathelo sokumiswa kukaMdluli.
“I-ACDP iyakwemukela ukumiswa kowayeyinhloko yezobunhloli, uLt-General Richard Mdluli, emva kwezinsolo zokuthinteka ecaleni lokubulala eminyakeni eyishumi edlule,” kusho okhulumela leli qembu, uMnuz Steve Swart. – Intatheli yeSolezwe
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services