INLSA
U-Anele Khoza,DJ Tira no Gugu Ndlovu emcimbini kaTira. Isithombe: SANDILE MAKHOBA
SIZWE BLOSE
UBUGABISA ngezintokazi eziyiziphalaphala umcimbi wokwethulwa kwe-albhamu entsha kaDJ Tira ebizwa nge-Zase-Afro Volume 2.
Le albhamu yethulwe ivele isibhekwe ngamehlo abomvu njengoba abantu abaningi bekhombisa ukuyithakasela kakhulu ingoma ekuyona ethi 4 000, izinhlamvu zayo ezithi Beng’no-4 000 seng’sele no-2000.
Lo mcimbi obunezintokazi ezinhle ebezishaye izigqebhezane ubusendaweni edayisa izikibha zodumo ezibhalwe ukuthi Bekumnandi Ungekho, ekuPine Street.
Ngaphandle kwalezi zintokazi bekunosaziwayo okungabalwa kubona uL’vovo Derrango, DJ Masiya, Mampintsha weBig NUZ, DJ Boonu, Oros, Le Soul, Gukwa, DJ Deep, Dr Popzin, Benzy noMzeks.
Abantu abebethenga le CD, uDJ Tira ubebasayinela yona bukhoma.
UDJ Tira we-Afrotainment ethula i-albhamu yakhe. Isithombe: SANDILE MAKHOBA
INLSA
Okugqamile kwethulwa le albhamu ngukuthi azibanga khona izinkulumo kodwa kuvele kwagxilwa ezinkambeni zikaFaro kwasho igqomu kwadanselwa izingoma ezikuyona kwaze kwaba yiyo leyo ndaba.
Abantu abathanda umculo wokholo nabo bazoyithokozela le albhamu njengoba uTira efake noSfiso Ncwane kwenye ingoma.
Ingoma ebihamba phambili nebukeka ingaconsi phansi kubantu abaningi yile ethi- 4 000.
Lo DJ waziwa ngegqomu kakhulu kodwa njengoba bekulalelwe i-albhamu yakhe bekunezingoma ezishaya ngesigqi se-deep house, okusho khona ukuthi ngesikhathi eyihlanganisa ubengabhekile abantu abathanda isigubhu kuphela.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services