KUMQOKA ukwazi kabanzi ngesilwane osuke usifuyile ekhaya ukuze wazi ngobungozi baso.
Lokhu kushiwo abakwa-SPCA , eMgungundlovu ngemuva kokushona kwengane eneminyaka emithathu elunywe yinja yakubo eMayville.
U-Eslene Naidoo ushone ngoMgqibelo emuva kokulunywa yi-pitbull kagogo wakhe. Umfowabo oneminyaka eyisithupha uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthi naye elunywe yinja.
UMnuz Mlungisi Sibiya we-SPCA, eMgungundlovu uthe ama-pitbull yizinja eziyingozi kakhulu kanti kumqoka ukuthi abawafuyile bafunde kabanzi ngawo.
“Lolu hlobo lwezinja luyingozi noma ungathola encane uyikhulise. Iyinja ongeke uyithembe ngoba ishintsha noma nini. Ishintshela ngisho abanikazi bayo. Kumele ufunde kabanzi ngayo ukuze uyiqondisise kahle,” kusho uSibiya.
Uthe lezi zinja ziyabambelela uma ziluma umuntu azibe zisamdedela yikho zigcina sezibulele.
“Ama-pitbull athanda ukubamba umuntu ngasentanyeni. Uma ike yacasuka akekho noyedwa ongayinqanda,” kusho uSibiya.
Uthe isikhathi esiningi lezi zinja ziyavalelwa emakhaya nabantu abajwayele ukuzinikeza ukudla ziyabanombola.
USibiya uthe noma yisiphi isilwane esifuywe ekhaya kumele kufundwe kabanzi ngaso ukuze kwazeke ukuthi siyingozi kangakanani.
“Abantu abaningi bayazifuya izinja nezilwane zasekhaya kodwa bengenalo ulwazi olwanele ngazo. Uthola ukuthi umuntu unohlobo oluthize lwenja kodwa akazi ngalo, ubungozi balo nokuthi ludinga indawo enjani. Izinja zihlukene nezidingo zazo azifani. Kumele wazi nokuthi zidla ukudla okungakanani ukuze ubalekele ulaka lwazo,” kusho uSibiya.
Uthe isikhathi esiningi ama-pitbull ayaboshwa ngenxa yobungozi bawo kodwa uma esededelwa aba nobungozi obumangalisayo.
“Ngalesi sikhathi sonyaka izinja eziningi zifuna ukuhlangana nezinye ngoba isikhathi sazo (sokuya ocansini). Uma zivalelwe ziba nolaka oluyisimanga njengoba kuyilesi sikhathi. Lokhu kungazenza zikhiphele ulaka lwazo ezinganeni ezincane noma kubantu abangazijwayele,” kusho
uSibiya.
Uthe kubalulekile ukuthi izinja ziqeqeshwe ziphinde zithenwe.
“Kuyimvelo ukuthi izinja zifune ukuya ocansini nezinye, uma kungenzeki ziyadinwa. Uma uyazi inja nempilo yayo uzokwazi ukuthi kumqoka ukuthi ithenwe,” kusho uSibiya.
Ngonyaka odlule kubikwe kwaze kwaba ngaphezulu kwesihlanu ngabantu ababulawe ama-pitbull KwaZulu-Natal. Kulezo zehlakalo kukhona nezimbili ezenzeka eMgungundlovu, esowesifazane owalunywa amapitbull akubo ngesikhathi ewaphakela kanti kwesinye amapitbull akamakhelwane alimaza umfana owayesekhulile noyise.
Umfana washona uyise walimala kanzima wacishe washumpuka isitho sangasese.
Ubuhle bama-pitbull
Ayavikela. Imizi efuye lezi zinja iphephile ngoba izigebengu ziyabazi ubungozi bazo.
Mahle
Anejubane
Ububi bama-pitbull
Ayabulala
Anenkani
Awezwa uma uwakhuza
Uma kwenzeka ikuluma noma ikuhlasela i-pitbull
Yithele ngamanzi ngoba izinja ziyawasaba amanzi.
Ungalwi nayo ngoba iyingozi
Zisonge uvikele ikhanda.
Ungazisondezi izingane kuzo ngoba azizibheki.