Abakwa-Uber bacele umhlangana nongqongqoshe wamaPhoyisa nowezokuThutha ngokusatshiswa kwabashayeli bayo okuqhubekayo. Isithombe: Toby Melville / Reuters

INKAMPANI ethutha abantu nge-App, i-Uber, ngoMsombuluko ithe icele umhlangano ophuthumayo nongqongqoshe womnyango wamaPhoyisa nowezokuThutha kuleli ukuthola isisombululo ngempi eqhubekayo phakathi kwabashayeli bayo nabama metred taxi.

Lesi simemezelo silandele ukushona komshayeli wakwa-Uber ngoMsombuluko owashiswa emotweni yakhe ngenyanga edlule ePitoli. Selokhe yafika i-Uber kuleli abashayeli bayo nabama-metred taxi babhekene ngeziqu zamehlo kubangwa abagibeli ikakhulukazi eGoli.


Okhulumela i-Uber e-Africa, uSamantha Allenberg uthe bayazi ngokusatshiswa kwabashayeli babo eziteshini zeGautrain. Uthe sebeqashe abantu abazoqinisa ezokuphepha kubashayeli babo ngenxa yalokhu.


“Ukusebenzisa udlame nokusabisa abantu yinto esingahambisani nayo. Sesicele umhlangano ophuthumayo nongqongqoshe  wamaPhoyisa uMnuz Fikole Mbalula nongqongoshe wezokuThutha uMnuz Joe Maswangayi ukuze sithole isixazululo ngaloludaba, sisalinde impendulo evela kubo," usho kanje.


Uthe i-Uber izoqhubeka iqinise ezokuphepha kodwa idinga usizo kumaphoyisa nasemnyangweni wezokuThutha.

“I-Uber ayiyona inkampani yezokuphepha, sidinga amaphoyisa nongqongqoshe ukuthi bangenelele ukuze kutholwe isisombululo maduze," kuqhuba yena.


Ngenyanga edlule uMbalula wathi abashayeli be-Uber nabama metred taxi kumele bathole indlela yokusebenzisana.


-ANA