CLOSE X
Advertisement

Akabalekile umfundisi: ummeli ka-Omotoso

Izindaba
BAYAVEVA abameli bomfundisi waseNigeria osolwa ngoxhaxha lwamacala okunukubeza abesifazane bakuleli abathi kungamanga ukuthi akatholakali.

Abameli boMphrofethi uTim Omotoso weJesus Dominion International Church bathi bezwa kwabezindaba ukuthi ufunwa woKlebe kodwa akekho oseke wayombheka kwakhe.

UMnuz Bongani Cele, ongomunye wabameli beMhlanga Incorporated, utshele Isolezwe ukuthi sicekeleke phansi isithunzi sika-Omotoso emuva kwalezi zinsolo futhi basazothatha izinyathelo uma konke sekudlulile.

Tell a friend
UMPHROFETHI Tim Omotoso abameli bakhe abathi akanyamalele njengoba oKlebe bethi bayamfuna ngoxhaxha lwamacala okunukubeza abesifazane bebandla lakheIsithombe: FACEBOOK

“Umfundisi akabalekile benginaye izolo (ngoLwesibili) kwakhe nangoMsombuluko kodwa akekho oseke wazombheka. Walubuka nohlelo lweSpecial Assignment avele kulo. Uma kuwukuthi asolwa ngakho bekwenzeka emzini wakhe eMhlanga kungani bengayi komfuna khona?” kubuza uCele.

Uthe bake bazama nokuthi azinikele emaphoyiseni ePort Elizabeth kodwa basaba ngenxa yezinsongo nokusatshiswa.

Uthe ngolwazi lwabo yise-PE kuphela lapho kuvulwe khona icala nalo athe umseshi akakamniki inombolo yalo.

“Umfundisi akaze anqabe ngisho ukuphawula ngalezi zinsolo. Abohlelo baxhumana naye sacela ukuthi kuqokwe izinsuku abazofika ngazo bagcina behlulekile ukuziqoka sabona sekuvela kuthelevishini. Sekuyinkinga-ke manje ukuthi siphinde sivume aziphendulele ngoba usumkhulu umonakalo odalekile. Kuyimanje ePE kusatshiswa ngokuthi lizoshiswa isonto lakhe nomasipala usufuna ukulivala ngenxa yalezi zinsongo,” kuchaza uCele.

Ugcizelele ukuthi basalinde amaphoyisa amfunayo ukuthi ambheke kwakhe ukuze kucace enkantolo.

Kusukela kuvele udaba luka-Omotoso kuvele ukuthi oKlebe bayamthungatha kwavela nokuthi bake bayombheka engqungqutheleni yebandla eBloemfontein ngempelasonto. UCele uthe * -Omotoso wayekhona engqungqutheleni kwafika amalungu ayisikhombisa oKlebe kodwa akazange ambophe.

Lokhu kuphinde kwavezwa nasekhasini lebandla lakhe * -Omotoso okubhalwe kulo ukuthi oKlebe bafika esontweni ngempelasonto kodwa bangambopha.

Abazalwane bakhe basaqhubeka nokumeseka ekhasini likaFacebook phezu kwalezi zinsolo.

UMelusi Sibiya uthe: “Useyiyona indoda kaNkulunkulu futhi engikwaziyo kukodwa, wukuthi sengikholelwa kuyena kakhulu kunakuqala. Papa noma ngabe ukuphi uphile nje ngegama likaJesu.”

UNozipho Pricillia Harmas uthe: “Akukho okuzosizamazamisa. UJesu wahlushwa ngenxa yamanga kodwa wafa wavuka, naye uzovuka.”

Okhulumela oKlebe, uColonel Robert Netshiunda, uthe akukho abazokuphawula njengoba umsolwa engakaboshwa.

Tell a friend
Advertisement
X